UKUNQOBA imidlalo yokuqala yeqoqo B kwiCaf Champions League kweMamelodi Sundowns, akumenzi umqeqeshi wabo, azibone sebezogila izimanga zokungabambeki njengalokhu benza kwiDStv Premiership.
Lokhu kuvele enkulumeni yakhe uRhulani Mokwena, ocija iqembu laseTshwane obekhuluma nabezindaba ese-Egypt lapho beyobhekana khona ne-Al Ahly kowabo wesithathu kuleli qoqo.
Umdlalo use Al-Salam Stadium, eCairo ngoMqgibelo ngo-9 ebusuku.
“Ukunqoba imidlalo emibili yokuqala (yamaqoqo) akukufihli kodwa ukuthi esikwatini sethu sinabadlali abanamava angatheni okudlala kwiChampions League, ikakhulu uma ubaqhathanisa namava e-Al Ahly,” kusho uMokwena.
“Bayidlanzana kakhulu abadlali bethu abanamva afinyelela kwawe -Al Ahly kulesi sigaba. Bayidlanzana kakhulu abadlali abanamava asezingeni labadlali abafana noDenis Onyango kulesi sigaba.”
“Silwela ukwenza kangcono ukunangesizini edlule. Silwela ukudlula kuleli qoqo kanjalo nakweyomkhumulajezi. Yebo nathi kwiMamelodi Sundowns sinabadlali abahle kakhulu.”
Injini yeSundowns, uTebogo Mokoena, nayo igcizelele eyokulungiselela ukubhekana nomqansa kwi-Al Ahly eyanikwa umyezane wokuba yiqembu elivelele e-Afrika ekhulunyakeni lesi-20 (African Club of the 20th Century)
“Sizobe sibhekene neqembu elivelele ekhulunyakeni nokuzoba ngumdlalo onzima kakhulu,” kusho uMokoena.
I-Ahly izobe idlalo umdlalo wayo wesibili kwazise kuqale amaqoqo isematasa kwiFifa Club World Cup enqotshwe yiReal Madrid eMorroco ekuqaleni kwenyanga.
Izofika kwiSundowns ihefuzela emuva kokuvula ngenduku ka 1-0 ivela kwi-Al Hilal ngesonto eledlule.