IBONA bezoxakeka kwiLamontville Golden Arrows, injini yeSekhukhune United, uKamohelo Mokotjo, egijima isizini yayo yokuqala eligini yaseNingizimu Afrika kwazise ikhulele eNetherlands.
Akusikho nje ukuthi uMokotjo ukhulele eNetherlands kodwa useze wathatha ngisho ubuzwe bakhona.
Wahamba emncane kuleli emuva kokuba ngukaputeni weqembu lesizwe lika-U/12 nelingasekho.
Ungomunye wabadlali okulindelwe basize iSekhukhune uma isibhekene ne-Arrows koweligi ePrincess Magogo Stadium, eThekwini namuhla ngo-3 ntambama.
“Amalungiselelo ahambe kahle, ikakhulu uma uzoqaphela ukuthi i-Arrows yiqembu elingaqondakali neze,” kusho uMokotjo, obenethuba lonke lokuzilungiselela lo mdlalo kwazise akasabizwa kwiBafana Bafana kaHugo Broos esanda kuzibekisela indawo kwi-Afcon.
“Basabalala yonke indawo enkundleni. Okwethu wukwethembela kwesikwenzayo, sihlale emdlalweni. Umdlalo uyimizuzu engu-90.”
Eyokuxakeka ivele kuyo inkulumo kaMokotjo nokho okuqondakalayo ukuthi unokusebenzisa ulimi lwaphesheya lwebhola.
“Okumqoka wukuthi kule mpelasonto masixakeke ngokuhlanganyela. Lokho ngikusho ngoba ngikholelwa ekutheni sinezibabuli zabadlali kuleli qembu. Yilokho engikucabanga ngomdlalo we-Arrows,” kuqaphuza lo mdlali, oseyibambe emaligini aseNetherlands, England nase-USA.
Ebuzwa ukuthi ucabangani ngeligi yaseNingizimu Afrika ebalwa kwamakhulu nahamba phambili ezwenikazi lase-Afrika laphoe angaze adlale khona, uzwakale ecobeka amathambo.
“Ngicabanga ukuthi kunokukhula. Liyakhulo lona izinga eligini kodwa iqiniso wukuthi kunezinto abanazo e-Europe, thina esingenazo lapha. Lokho kwenza izinto zingabi lula neze. Kwenza isimo eqenjini ngalinye sibe manzonzo kubadlali ngokunjalo nakubaqeqeshi,” kusho uMokotjo.
Impi inkulu kwiSekhukhune ne-Arrows kwazise bobabili bangene empelasontweni belingana naMaZulu ngamaphuzu angu-28 nokushubisa umbango we-top8 phakathi kwabo.
Lokhu kwenza umdlalo wanamuhla uhehe kakhulu.