UKUZIKHIPHELA eholidini laseDubai ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023 yeDStv Premiership, kusebenze emfihlakalweni, kuTebogo Mokoena, ofike wasenza esakhe isikimu kwiMamelodi Sundowns, egabe ngabanye abadlali abaphambili kuleli.
Ompetha beligi amahlandla amahlanu kulandelana asebenqobe imidlalo yeligi engu-10 kulandelana, bazovakashelwa abakhaya babo iSuperSport United koweligi ngoMsombuluko ngo-6 ntambama, eLoftus Versveld.
UMokoena ubesemabhukwini eSuperSport ngaphambi kokusayina kwiSundowns ngoJanuwari ka-2022. Usefike kuleli waba ngomunye wabagqamayo eqenjini nokungangabazeki ukuthi hleze igama lakhe limenyezwa kuqala uma kusethwa isikimu.
Izolo ekuseni uMokoena nomqeqeshi wakhe, uRhulani Mokwena, bebenesithangami nabezindaba ngalo mdlalo nomakhelwane babo basePitoli.
UMokoena uthathe iso lezinhloli zamaBrazilians ngoba ubevele engomunye wabadlali abagqamile kuMatsatsantsa a Pitori.
“Okusheshe kwangicacela ngifika ngakho kodwa kwiSundowns, ukuthi ngisalele emuva kakhulu ngokubaqatha nangokulungela imidlalo kunabanye abadlali,” kusho uMokoena eChloorkop.
“Kuthe uma kuphela isizini ngoMeyi, ngazitshela ukuthi uma kukhona into okumele ngisebenze kuyona, ukuzibeka ezingeni elifanayo nabadlali beSundowns ngokuba sesimeni esidingekayo sokulungela imidlalo.
“Ngenhlanhla amaholidi nyakenye ngiwachithe eDubai, lapho belishisa khona ngendlela eyisimanga ilanga kodwa ngaqoma ukulisebenzisa njengethuba lokuzisondeza kubadlali engibafice bevutha kwiSundowns.
“Ukuzikhandla kwami ngiseholidini kungisize kakhulu ngoba ngisebenze kokuningi ebengizibona mina ukuthi ngiyashoda kukona. Ngibuye ngingcono kakhulu eDubai kunalokhu engihambe ngiyikona.
“Ngiyayijabulela indawo engidlaliswa kuyona ngoba ngiqatha ngokwanele kanti nohlobo lwabadlali engibanga nabo isikimu kuleli qembu bayakwenza ukuthi ubhukule ngisho ngabe awuthandi,” kuqhuba uMokoena ejobelela ngokuthi iSundowns ayibambeki nje, yingoba iphethe abadlali bohlobo oluphambili.
Umqeqeshi wakhe uRhulani, uvumile ukuthi iSuperSport ijwayele ukubashaya ngakho-ke lo mdlalo bazoya kuwona bewavule wonke amehlo.
“Indawo iSuperSport ehleli ekuyona iyazikhulumela kanti nomlando wethu nabo ukhomba ukuthi bangelinye lamaqembu asishaya kalula.
“Siya kubona bezikhotha amanxeka (okushaywa iGolden Arrows) okungenye yezinto ezinzima futhi eziyingozi ngoba uGavin (Hunt), ungumpetha uma kuziwa ngasekuvuseleleni abadlali uma bebuya emiphumeleni engagculisi,” kusho uRhulani.