INKAKHA yeMamelodi Sundowns, uJethro "Lovers" Mohlala, iyazeseka izinguquko ezenziwe ngabaphathi, ethimbeni labaqeqeshi beqembu.
NgoMsombuluko, iSundowns imemezele ukuthi uRhulani Mokwena usezoba yinhloko yabaqeqeshi. Uthathe indawo kaManqoba Mngqithi okuthiwe usezoba yiSenior Coach. Lesi sikhundla besiphethwe nguSteve Komphela, osethathe esokuba yiFirst Team Coach. Izinguquko ebhentshini leSundowns zenziwe emuva kokuthi ihlulwe yi-Orlando Pirates ngo 3-0 kowandulela owamanqamu weMTN8 ngempelasonto edlule.
"Ngiyathemba ukuthi izinguquko zizothela izithelo. Iqembu alenzi kahle kule sizini. Laba baqeqeshi sekunesikhathi eside besebenza ndawonye kodwa kule sizini iqembu lehlile. Abaphathi bathathe isinqumo esihle, akuyona iSundowns esiyaziyo lena. Ngeke uthenge iFerrari kodwa ushiywe yiTazz. Ngeke iqembu elihlanganiswe ngoR200 million lishaywe elikaR30 million. Uma izinto zingalungi emuva kwalezi zinguquko, kuzofanele kubekhona abahambayo," kusho uMohlala.
UMokwena unikwa isikhundla sokuqeqesha iSundowns nje, kuvele kaningi ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwakhe nozakwabo. Lo mqeqeshi, osebuya nakwi-Orlando Pirates, ugxekwe kakhulu emasontweni adlule ngesikhathi ebambe inguyazana ebhentshini nabadlali, efulathele inkundla ekubeni umdlalo uqhubeka.
"Kuvele izindaba zokuthi abaqeqeshi abezwani. Lokhu ngeke bakufihle. Abantu bayakhuluma. Kufanele bakubeke eceleni ukungaboni ngaso linye, bakhumbule ukuthi baqashiwe futhi umuntu wafika yedwa kwiSundowns. Kufanele babeke iqembu phambili, basebenze. Nakuba izinguquko zenziwe kodwa basazosebenza ndawonye. Ukuziqhayisa kuyohlala kukhona kodwa kufanele bakukhumbule abakuqashelwe kwiSundowns" kusho uMohlala.
Kule sizini iSundowns ibukeka izothwala kanzima kwiDStv Premiership. Sekuyacaca ukuthi ngeke iwine zonke izicoco ngoba ikhishiwe kwiMTN8. Ngesizini edlule amaBrazilians adle izicoco ezintathu, iMTN8, iligi neNedbank Cup.
UMohlala uthe isizini iyithuba leSundowns lokunikeza uMokwena umsebenzi wokuqeqesha iSundowns, yedwa.
"Kuhle ukuthi ibhola liyashintsha kule sizini, namanye amaqembu akhombisa ukuvuka. Okubi wukuthi iSundowns ishona phansi. Bengifisa ukuthi uRhulani ahlale yedwa ebhentshini, aqeqeshe ngokuzimela, anikwe iphini azosebenza nalo. Lokhu kuzocacisa ukuthi ungumqeqeshi onjani. Leli bekuyithuba lokwenza lokho," kusho uMohlala.