ENKULUMENI kaManqoba Mngqithi ongomunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, kuvela izimpawu zokuphikisana nokushiwo uLyle Lakay ngendlela ashiye ngayo kuleli qembu.
Ngesonto eledlule, osukwini lokugcina lwewindi lokuhwebelana ngabadlali, uLakay, ngesizini edlule owine umklomelo wokuba isitobha sesizini ka-2021/22, uthushuke kwiCape Town City.
Kuvele ukuthi iSundowns imbolekise isizini eyodwa. Uphambane noTerrence Mashego abadlala indawo efanayo ohlangithini lwesokunxele emuva.
Ekuqaleni kwaleli sonto kwiSA FM, lo mdlali uveze ukuthi akayithandanga indlela ahambe ngayo kwiSundowns.
Udalule ukuthi wezwa esetshelwa ukuthi akathathe imithwalo yakhe alibhekise eCape Town, ngoba usebolekiswe kumaCitizens. Waveza ukuthi akuhlalwanga naye phansi ukuze iqembu lizwe umbono wakhe. Uthe ngemuva kwalesi sinqumo wakhuluma nomunye wabaqeqeshi uRhulani Mokwena owathi iqembu limbolekise ngoba selizohamba “ngomunye umgudu”.
Wacashunwa ethi ubengathanda ukuhlala kwiSundowns, alwele ijezi lakhe njengabanye abadlali.
NgoLwesine kwisithangami nabezindaba uMngqithi ubuziwe ngalokhu.
"Angifuni ukuphawula ngezinto ezingamanga ezingagcina sezona ubudlelwane bethu nalo mfana. Ngiyamazi ukuthi ungumuntu olungile, ngisebenze iminyaka eminingi naye.“
Uqhube wathi": Singakukhohlwa ukuthi usengumdlali wethu. Simdedele ngoba sifuna athole ithuba lokudlala. Sizomeseka ngakho konke. Kuhle ngoba uye eqenjini elifana neCape Town City elizodlala kwiChampions League. Sibheke iminyaka yakhe sabona ukuthi kule sizini ngeke kube lula kuye, asimdedele. Siyaziqhenya kakhulu ngaye. Iqembu ulenzele lukhulu. Engingakusho nje ukuthi simfisela inhlanhla lapho eyodlala khona. Sethemba ukuthi uzodlala njengokufisa kweCape Town City".
Emidlalweni eyisishiyagalolunye yeSundowns, uLakay uhambe esadlale eyisithupha. Abaqeqeshi baleli qembu bese bencamela ukudlalisa uSifiso Ngobeni no-Aubrey Modiba endaweni ayidlalayo.