Polokwane City (0) 1
Mamelodi Sundowns (0) 0
UKWAMUKELE ukuthi ithimba labaqeqeshi lePolokwane City libeqe ngokomqondo, uManqoba Mngqithi, opheka iMamelodi Sundowns eshaywe iRise and Shine kwiBetway Premiership ngeSonto ntambama, e-Old Peter Mokaba Stadium.
ISundowns okuze kwaphela isizini edlule ingayazi induku ekuhambeni ikhale ngaphansi ngegoli likaBulelani Nikani alishaye esiwombeni sesibili.
“Angazi noma kuqhubeka isifo sangomdlalo odlule yini kodwa esingakwenza ngalo mphumela ukushayela ihlombe ithimba labaqeqeshi lePolokwane ngokuseqa ngokomqondo,” kusho uMngqithi kwiSuperSport emuva komdlalo.
“Sihlale siba nenkinga uma sibhekene nePolokwane nakho-ke akwethusi kangako ukuthi basishayile yize ngingakholelwa ekutheni bebengcono kunathi.
“Sizishaye thina kulo mdlalo kodwa akufanele simoshe isikhathi ngokuzikhotha amanxeba kepha kumele sibheke umdlalo ozayo,” kusho yena.
Sidlalwe saze saphela isiwombe sokuqala iSundowns ingakaze ifike nakanye ezintini zePolokwane okungathusanga nokho kwazise uMngqithi ubesishintshe sonke isikimu aqale ngaso oweligi odlule neRoyal AM.
Kusona sonke isiwombe sokuqala iPolokwane ibidlalela ngasezintini, zikaDenis Onyango, obevimbe ngoba uRonwen Williams ebengekho.
Ngaphambi kokuqala komdlalo uMngqithi ubesabalisa ngakuchaze njengokuzenzela bona phansi ngesikhathi bephuma ngembobo yenaliti kwiRoyal AM ekhaya ngeledlule.
“Nakuba ngisabambelele ekutheni sikhombise izimpawu zokuwuthatha kancane umdlalo weRoyal AM kodwa ukushintsha kwesikimu esiqala ngaso owePolokwane akuhlangene nalokho,” kusho uMngqithi kwithelevishini ngaphambi komdlalo.
“Kusemqoka ukuthi siyicaze ngendlela imizuzu edlalwa abadlali bethu ngokwahlukana kwemiqhudelwano yize singenawo uphawini wokudedela umgqigqo esiqale ngawo isizini.”
Kuyona yonke imizamo kaMngqithi esiwombeni sesibili iSundowns igcine ihlulekile ukuthola lokhu ebikuyele ePolokwane.
Ngesikhathi sekuqala ukucaca ukuthi iSundowns izocazelana amaphuzu neRise and Shine, uNikani ushayele iqembu lasekhaya igoli ngomzuzu ka-82 kade kuyi-free-kick kaCole Alexander.
“Bekufana nokuthi asikho esiwombeni sokuqala ngoba konke ebesikuthola bekuphelela emoyeni,” kusho uMngqithi.
“Esingakwenza ukuvuma ukuthi sishaywe ngenduku obekungafanele isishaye,” kusho uMngqithi.
UPhuthi Mohafe, oqeqesha iPolokwane uthe: “Konke ebesihlele ukukugwema sikugwemile kulo mdlalo ngakho-ke okuningi kuqale lapho ngoba ukubaphoqa kwethu ukuthi badlalele ezimpondweni ikhona okubaholele ekutheni bangene emgogeni ebesibacuphele wona.”