UVUME eyokuxovwa kwezinhlelo zabo uManqoba Mngqithi ongomunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns.
UMngqithi ubephawula kwabezindaba ngemuva kokuthi zishukane zaze zabukana phakathi kwabo ne-Orlando Pirates kuba ngu 0-0 emdlalweni womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8 obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Okumangaze uMngqithi ngomdlalo wukubona iqembu lakhe likhanda isibalo esincane samathuba angoqekelele.
Nakuba lingekho iqembu elishaye igoli kulo mdlalo kodwa okuqaphelikile ukuthi izinga lokudlala beliphezulu.
Okunye okube yisinongo esihle wukuhanjelwa yizinkumbi zabalandeli njengoba amathikithi omdlalo edayiswe aphela.
Ngokwezibalo iPirates ikhande amathuba awu-11 kwathi amaBrazilians enza ayisishiyagalolunye.
Emathubeni abebheke emapalini eZimnyama zenze amane, ezikaMngqithi zashaya ngeqanda.
Nokho ngokwamaphasi iSundowns ibe nawu-408 kwathi izitha zayo zaba nawu-308.
Umlenze olandelayo ozocacisa ngeqembu elizoya kowamanqamu uzoba ngo- Okthoba 22, ePeter Mokaba Stadium.
UMngqithi ebuzwa ngemuva komdlalo ukuthi kudalwe yini ukuthi iqembu lakhe likhande isibalo esincane samathuba acacile okushaya amagoli, uvele wathi naye lokhu kumshiye emangele.
"Ukukutshela iqiniso lokhu nami angikujwayele engikubone kulo mdlalo. Kusihlulile ukukhanda amathuba amaningi ngendlela ebengilindele ngayo. Izibalo zingakusho okwazo kodwa esiwombeni sokuqala uPeter Shalulile noMudau (Khuliso) akhona amathuba amahle abawatholile kodwa bangawasebenzisa ngendlela efanele. Kulo mdlalo bekumele silithole igoli. Lo mdlalo bewusezingeni eliphezulu kabi, bekumele libe khona igoli," kubeka uMngqithi.
Uqhube wathi: "Ngesifanayo nasesibalweni samakhona nama-free kick esiwatholile. Asenzanga kahle neze khona. Ngingalibeka ngembaba elokuthi izinga beliphansi. Sihluleke ukwenza izinto esihlala sizenza ejimini. Nakuba sihlulikile ukunqoba kodwa sikujabulele ukudlala ngokulingana. Emlenzeni olandelayo sizobe sidlalela ekhaya, kufanele senze isiqiniseko sokuthi siyanqoba.“
Mayelana nobekwenzeka emdlalweni, uMngqithi ulincomile izinga abadlali bezinhlangothi zombili abalitshengisile. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule nokho kuDStv Premiership, iSundowns inqobe kuyona yomibili imilenze. Kuyona yomibili uShalulile wayibhakuzisa inethi.
"Cha bandla kube wumdlalo omnandi engicabanga ukuthi nabalandeli bawuthakasele. Njengoba ngike ngasho ibhadi kube yiko nje ukuthi amagoli awazange abe khona. Kungaba yiphutha ukungayincomi iPirates ngendlela enhle edlale ngayo. Kucacile ukuthi lo mdlalo beyiwuhlelele ngendlela esezingeni eliphezulu. Ezikhathini eziningi beyikwazi ukuxova indlela ebesihlele ngayo. Kusicacele ukuthi uSaleng ( uMonnapule) noLepasa (Zakhele) yibona abadlali iPirates ebisho ukusiqeda ngabo. NoPule (Vincent) ucishe wasibulala," kubeka uMngqithi.