OMUNYE wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uvume eyezinhlungu zesibhaxu asebesithole kabili kusukela kuqale isizini entsha yeDStv Premiership.
Lokhu kuvele kulo mqeqeshi ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leSundowns ngomdlalo wabo wanamuhla neChippa United, ongo-7.30 ebusuku eNelson Mandela Bay.
Emidlalweni yokuqala kwesizini entsha eyisithupha yeSundowns, kwemibili yayo ithole isibhaxu okuyinto engasajwayelekile kuleli qembu.
Nakuba uMngqithi ekholelwa ekutheni bazovuka bazithathe ngeChippa kodwa uyavuma ukuthi basesezinhlungiwini ngokulahla amaphuzu kwi-TS Galaxy neSuperSport United, okuyiwona amaqembu asabahlulile kweyeligi.
“Isimo sihle ekhempini yize kusobala ukuthi sisesezinhlungiwini kwazise asilona iqembu elijwayele ukuthola imiphumela yalolu hlobo kodwa iqiniso ukuthi kufanele sidlulise sibheke okuza nomdlalo olandelayo,” kusho uMngqithi.
“Uma ngibabheka abafana bakhombisa izimpawu zokuthi sebekulungele ukusinika lokhu esikulindele kubona emdlalweni wethu neChippa.”
Akangabazi ukuthi iChippa izoba inkinga kubona ngoba isandla somqeqeshi wayo omusha nosemncane, uDaine Klate, sesivele siyabonakala.
“Kuyakhuthaza ukubona isandla sikaKlate sibonakala ngokushesha yize bebe nebhadi lokuphikwa isiwombe sokuqala emdlalweni wabo odlule neGolden Arrows.
“IChippa ishintshe kakhulu kusukela kufike uKlate ngakho-ke siphoqelekile ukuya kulo mdlalo sikuqonda lokhu.
“Kumakhona nakuma-freekick banezindlela zokudida eziningi kodwa iqiniso ukuthi uKlate ulihlanganise kahle iqembu ngoba lizenza ngendlela zonke izigaba zomdlalo,” kusho yena.
Nakuba uMngqithi emtusa uKlate kodwa uyazi ukuthi iSundowns inawo amagalelo okunqoba lo mdlalo.
“Angikungabazi ukuthi singawunqoba lo mdlalo ngoba vele kubhekwe ukuthi kubenjalo. Silijabulele ithuba elincane lokuphumula esilitholile ngoba nakubadlali kukhona la kubonakala khona ukuthi nokukhathala sekudlala eyakho indima,” kusho uMngqithi.
Usonge ngokuncoma abalandeli beSundowns ngokuqonda unobhutshuzwayo.
“Awekho amazwi anele engingachaza ngawo igalelo labalandeli bethu ngoba bayisibonelo sokuthi yini ukuba umlandeli.
“Bahamba nathi yonke indawo futhi baseseka ngisho imiphumela ingemihle okwenza sihlale sizizwa sengathi siyabakweleta. Abasigxeki kodwa bayasikhuthaza,” kutusa lo mqeqeshi.
ISundowns isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu ayishumi emidlalweni eyisithupha. UKlate nezakhe bazobe belwela ukuxebuka emaqenjini angasemsileni njengoba isaqoqe amaphuzu amahlanu emidlalweni elinganayo.