OMUNYE wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, uvikele abaqeqeshi baseNingizimu Afrika ngendaba esematheni ethinta izicucu okufanele babenazo uma bezohlala ebhentshini emidlalweni yeConfedaration of African Football (CAF).
NgokukaMngqithi obekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu ngaphambi komdlalo wabo womlene wesibili wokuhlungela amaqoqo eCaf Champions League, abaqeqeshi baseNingizimu Afrika akubona abokubuzwa lo mbuzo kodwa iSouth African Football Association (Safa), iyona esesikhundleni esingcono ukuphendula.
ISundowns inenebule iLa Passe yaseSeychelles ngo 7-0 kowomlenze wokuqala njengoba beqedela namuhla ngo-5.30 ntambama eLoftus Versveld.
Abaqeqeshi abahlonishwayo njengo-Eric Tinkler weCape Town City, Khabo Zondo kwiRoyal AM noDan Malesela okwiMarumo Gallants abahlali ebhentshini uma la maqembu edlala kwiCaf Confederation Cup neChampions League.
Lokhu kwakhaa isithombe esingesihle ngebhola laseNingizimu Afrika ikakhulukazi njengoba umqeqeshi weLa Passe, uJames Barra, etshele abezindaba ukuthi unawo u-Licence A weCaf yize ibhola kungeyona into yemihla ngemihla kuyena kwazise unguthisha.
Ngo-2020, iCaf ishaye umthetho wokuthi inhloko yabaqeqeshi kuphoqelekile ukuthi ibe no-Licence A (weCaf) ukuze ihlale ebhentshini.
ICaf ithe, ikwennza lokhu ngenhloso yokuthuthukisa nokuqinisa imidlalo yamaqembu yamazwe ase-Afrika.
Nakuba kukhona abakhomba abaqeqeshi abathintekayo ngokungazihluphi ngokuzikhulisa kodwa uMngqithi ukaboni kunobulungiswa kulokhu ngoba inkinga enkulu ukufinyelela kulezi zifundo.
“Kungani kukhonjwa abaqeqeshi ngalokhu ekubeni bengalitholi ithuba lalezi zifundo? Akekho umqeqeshi ongafuni ukuzikhulisa kodwa izifundo izona ezingahlelwa,” kusho uMngqithi.
“Kusukela kugcine thina (noRulani eminyakeni emihlanu), akukaze kuphinde kubekhona ithuba lalezi zifundo eNingizimu Afrika ngakho-ke iSafa iyona engaphendula kangcono,” kuqhuba yena.
UMngqithi uthe kuyamxaka ukuthi yini edala ukuthi iSafa ingazihluphi ngokusondeza lezi zifundo ngoba iyazi ukuthi amaqembu ayo adlala minyaka yonke emiqhudelwaneni yeCaf.
“Asikho isidingo sokukhomba abaqeqeshi ngoba ngiwufakazi wokuthi sonke siyafuna ukuzikhulisa kodwa abaningi bavinjwe ukuthi usoseshini awusenzeli kube lula.
“Ngokwami, kuwumsebenzi kasoseshini ukuqinisekisa ukuthi izifundo ezimqoka kangaka ziyavuleleka futhi zitholakala kalula, hhayi owabaqeqeshi,” kusho yena.
Kugcine ngo-2017 ukuthi iSafa ivule amakilasi ka-Licence A weCaf.
Eminye imidlalo yeCaf Champions League kule mpelasonto iCape Town City elandela ngemuva ngo 3-0 iya e-Angola kwiPetro de Luanda namuhla, ngo 5 ntambama.
KwiConfed, iGallants enqobe ngo 3-1 kwi-Elgeco Plus yaseMadagascar izokwamukela leli qembu kusasa ngo-3 ntambama, ePeter Mokaba Stadium.
IRoyal AM ebambane ngo 0-0 neZesco United yaseZambia ngeledlule, izozama ukuqedela lo msebenzi ekuhambeni khona kusasa ngo-3 ntambama.