OMUNYE wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, utusa ukubekezela kukaGeorge Maluleka nokuzikhandla osekuqala ukukhiqiza izithelo ezinhle.
Sekukhulunywe kakhulu ngalo mdlali wasesiswini obeqiwa yijezi selokhu ajoyina amaBrazilians ekuqaleni kwesizini edlule.
Abanye bebethi kayisekho indaba yakhe kuleli qembu.
Ukusayiniswa kwabadlali abanjengoTebogo Mokoena, oyibamba kuthule umoya esiswini, kuphinde kwaqubula inkulumo ngokubhedelwa yizinto kukaMaluleka.
Kule sizini usadlale emibili kuphela yeDStv Premiership.
Kowokuqala obungoNovemba wafakwa sekusele imizuzu emithathu kuphele umdlalo bebhekene neCape Town City.
Kowesibili, ngoDisemba, becazelana amaphuzu neMarumo Gallants, wadlala imizuzu ewu-12 kuphela.
Ngempelasonto abaqeqeshi beSundowns bambophele okokuqala koweCaf Champions League, bedudulana ne-Al Merrikh yaseSudan. ISundowns inqobe ngo-3-0.
NoMaluleka ubengomunye wabashaye amagoli.
Kubuzwa uMngqithi ngesimo sikaMaluleka, uncome ukuzinikela kwakhe.
"Kuningi osekushiwo ngoMaluleka. Mina ngithanda ukumbongela. Usebenze ngokuzikhandla ngoba efuna ukuba yingxenye yeqembu. Kubuhlungu ngoba esikhathini esiningi ubeba namabhadi. Kwesinye isikhathi ubevele alimale ejimini ngakusasa sizodlala. Ubeke alimale igama lakhe libe lifakiwe esikwatini esizodlala. Uma ngingaphosisi lokhu kumehlele kathathu noma kane kule sizini. Sonke besifisa ukumbona enkundleni. Uma ubheka ukuthi wehle kangakanani emzimbeni uzobona ukuthi kumfanele ukudlala. Selokhu efikile kwiSundowns usehle emzimbeni ngo-7kg. Selokhu esijoyinile usenomzimba omuhle,“ kusho uMngqithi.
"Sibhekene ne-Al Merrikh ushaye igoli elihle. Ukukhuluma iqiniso, besingalilindele kuyena uhlobo lwegoli alishayile. Siyazi ukuthi kuqala uGeorge wayewumgadli, emuhle kumabhola aphezulu. Ngesikhathi eshaya leli goli sijabule sonke ngoba utshengisile ukuba ungumdlali onamakhono amaningi azosiza iqembu.“
ISundowns igcina ukudlala koweDStv Premiership ishaywe yiMaritzburg United ngo-2-1.
Kusasa izobhekana neSwallows, ngo-7.30 ebusuku, eDobsonville Stadium.
AmaBrazilians aqhwakele ngamaphuzu awu-51, emidlalweni ewu-23.
ISwallows isendaweni yesithathu uma kusukwa emsileni ngamaphuzu awu-18, emidlalweni ewu-22. Emlenzeni wokuqala iSundowns yanqoba ngo-3-0 kwiSwallows.