UBIKE imbiba, wabika ibuzi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ngemuva kokuthi ezakhe zibhujiswe yi-Orlando Pirates ngenduku ka 3-0 emlenzeni wesibili wowandulela owamanqamu eMTN8 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
Alikho elavuma ukugoba uphondo ngesikhathi la maqembu ehlangana emlenzeni wokuqala e-Orlando Stadium, umdlalo ngo 0-0.
AmaBhakabhaka asheshe alithola igoli elibekwe uKermit Erasmus enethini ngekhanda esiwombeni sokuqala. Abuyile esiwombeni sesibili ngamabili avalelwe nguMonnapule Saleng iSundowns isathi izama ukuhlasela.
"Ngicabanga ukuthi sidlale ngendlela ebesifuna ukudlala ngayo. Kuyishwa elikhulu ukuthi singenelwe yigoli umdlalo usanda kuqala futhi ngikholelwa ekutheni ibhola bese liphumile ngesikhathi uSaleng eligoba," kusho uMngqithi kwabezindaba ngemuva komdlalo.
"Leli goli lenze umdlalo wavuna iPirates ngoba iyiqembu elithandayo ukukuvumela ukuthi udlale bese lihlasela ngokushesha. Nathi kumele sizibeke icala ngoba silahle amabhola amaningi kalula. Uma uwazi amandla ezitha awukwazi ukuzipha ibhola kalula njengoba senzile.
"Njengoba bese benqume ukuhlala emuva besidinga ukubekezela nokwenza inkundla ibe banzi ukuze sithole izikhala zokudlula ngaphandle kokujaha ukuphoqa amaphasi aya ebhokisini. Balikhahlele kane ipali, bathola amagoli amathathu.
“Uma singawashayi amagoli ngeke ngilindele ukunqoba umdlalo. Singakhala ngakho konke okwenzekile kodwa nathi bekumele sishaye amagoli ukuze izikhalo zethu zizwakale.
"Akekho ozoqonda ukuthi kungani sigcine sesidliwe ngo 3-0 kodwa bese kufanele sihlasele futhi besazi ukuthi kungenzeka sishiye izikhala bese siyajeziswa."
UMngqithi nozakwabo, uRhulani Mokwena noSteve Komphela, bekucacile ukuthi bebenganeme ngezinye zezinqumo ezithathwe ngunompempe, uThando Ndzandzeka nabasizi bakhe.
"Wake wambona umdlali eshaya igoli, ekhumula ijezi, kodwa engalitholi ikhadi eliphuzi? Wake walibona liphuma ibhola kodwa umsizi kanompempe angaliboni eseduze? Yizo izimo ezisizwise ubuhlungu ngoba besithola amakhadi aphuzi nabomvu,” kusho uMngqithi.
“Uma ubheka okwenzeke kulo mdlalo bekucacile, wonke umuntu obukela ibhola kulezi zinsuku uyabona ukuthi kwenzekani kwiPSL futhi iSafa kayenzi okwanele ukushintsha lokhu. Ngikhuluma nangemidlalo yamanye amaqembu, hhayi iSundowns kuphela.
“Kule midlalo onompempe bathathe inqwaba yezinqumo ezingaphusile kodwa uma ukhuluma ngalezi zinto wuzithola usubhekene nolaka lwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
“Nezintatheli azizivezi obala lezi zinto. Kawakhonjiswa ama-video ama-offside abanye abantu abasinda ngawo futhi abawina ngawo imidlalo.
“Ngeke ngithi onompempe bayarobha kodwa abekho ezingeni elilindelekile kule midlalo. Kuba kubi kakhulu uma kungunompempe onamava ohlale enza into efanayo."
Ubuthuntu bamaBrazilians phambili benze kugqame kakhulu ukuthi ubengekho umgadli wawo ongalibheki ipali, uPeter Shalulile. Ngokusho komqeqeshi uMokwena esithangamini nabezindaba ngeledlule lo mgadli ulimele umsipha.
UMngqithi uthe: "Ngabe siqamba amanga, uma singathi asimkhumbulanga uPeter. Yingakho sizame konke okusemandleni ukuthi singadaluli ukuthi ngeke adlale ngoba siyazi ukuthi wonke umuntu uyazi ukuthi siwadinga kanjani amagalelo akhe. Wuyena oqedela amathuba ethu, afake ingcindezi ezitobheni aphinde agijime phambili uma kufanele simake.
“Ukungabi khona kwakhe kube nomthelela eqenjini lonke kodwa besiziduduza ngamagoli esiwashaye ngesikhathi engekho emidlalweni emithathu eyandulela lo mdlalo. Kucacile ngesikhathi singawasebenzisi amathuba ukuthi besingenaye umdlali osezingeni lakhe."
ISundowns isizodlala oweDStv Premiershi neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium kusasa ngo-7:30 ebusuku.