KUSAZOTHATHA isikhathi esicela emasontweni amane ukuthi kubonakale enkundleni isilomo sabalandeli esisanda kubuyela kwiMamelodi Sundowns, uBongani “Ben 10” Zungu, osayine mahhala kuleli qembu ngo-Agasti esuka kwi-Amiens edlala kuLeague 2 waseFrance.
Lokhu kuvezwe ngomunye wabaqeqeshi beSundowns, uManqoba Mngqithi, kwabezindaba ngemuva komdlalo wabo neChippa United weDStv Premiership obuseNelson Mandela Bay Stadium. ISundowns inqobe lo mdlalo ngo-1-0 wegoli likaPeter Shalulile, alishaye umdlalo usuyophela.
Sekuphele inyanga uZungu, oneminyaka engu-29 ubudala, ethulwe yiSundowns njengomdlali wayo omusha kodwa ubengakaze abonakale enkundleni kuze kube yimanje.
NgokukaMngqithi, akufanele kwethuse kangako ukungabonakali kukaZungu ngoba akakabi qatha ngokwanele njengoba engazange azilungiselele neqembu.
“Ezinhlelweni zethu ngoZungu simbheke okungenani emdlaweni wokuqala weCaf Champions League ngoba akazange abe nethuba elanele lokulungiselela ukuqala kwesizini,” kusho uMngqithi.
ISundowns izoyiqala ngo-Okthoba 7 ekuhambeni indlela yayo yeChampions League kule sizini ngomdlalo neqembu elisazomenyezelwa.
“Okwamanje asigxilile kangako kuZungu ngoba okwenziwa u-Andile (Jali), Teboho (Mokoena), Neo (Maema) nabo bonke abanye abadlali abanikwa ithuba kulezi zinsuku, sanelisekile ngakho.
“Lokhu kusinika isikhathi esanele sokusebenza ngoZungu nokugwema ukumphonsa ensimini engakalungi ngokwanele ngoba lokho kungabuye kulimaze thina futhi ngokuhamba kwesikhathi.
“Esingakungabazi ukuthi unendima azoyidlala kule sizini uma wonke amaqembu sekufanele aveze ukuthi aqine kangakanani enkundleni nasemgodleni,” kusho uMngqithi.
Lo mqeqeshi uncome abadlali bakhe ngokubekezela esikhundleni sokuhluthuka ngenxa yokunqaba kwamagoli.
“Kwesinye isikhathi ungadlala uqede kodwa uma ungeke ulithole igoli ngeke ulithole. Lo mdlalo ububukeka sengathi uya lapho kodwa kwalunga ekugcineni.
“Akukho engingakhala ngakho kubadlali ngaphandle kokuthi kunqabe lona igoli. Lokhu kugcine sekwenza sengathi iChippa idlala kangcono kanti ukube silithole zisuka igoli, bekuzokhulunywa okunye,” kusho uMngqithi.
NgoMgqibelo ngo-8 ebusuku eTuks Stadium, iSundowns izokwamukela iLamontville Golden Arrows koweligi (eyilobole ngo-6-0) begcina ukuhlangana.