I-TS Galaxy igcine imnikile obengumdlali wayo, uXola Mlambo, iphepha elimkhulula ukujoyina iqembu noma yiliphi iqembu elimfunayo.
Lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates, utshele Isolezwe ngoLwesibili ukuthi le ncwadi uyithole ezinsukwini ezedlule ngemuva kokuthi lolu daba beludlulisele kwiPremier Soccer League (PSL) Despute Resolution Chamber (DRC).
Emasontweni amabili adlule leli phephandaba libikile ngodaba lwalo mdlali odlala esiswini.
Kafushane nje, iThe Rockets kaTim Sukazi, ubeyijoyine ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokudedelwa AmaZulu.
Ubesayine inkontileka yamasizini amabili.
Zonke izinto bezihamba kahle njengoba umqeqeshi, uSead Ramovic ebemdlalisa.
Ziqale ukonakala ngasekupheleni kwesizini edlule, iGalaxy inqamula inkontileka yakhe.
UMlambo uveze nokuthi iGalaxy iyamkweleta, yayigcine ukumholela ngoJuni.
Uqhubeke nokutshela Isolezwe ukuthi leli phepha elimkhululayo ulithole ngemuva komzukuzuku.
"Siyeza isikhathi lapho ngizoveza khona ukuthi ukuze ngigcine ngilitholile leli phepha, kuphoqeleke ukuthi kungenele ziphi izinhlaka. Uma isikhathi sesifanele ngizoveza ukuthi iGalaxy beyingafuni ukunginika lona ngoba kwenzenjani.
Kuzocaca nokuthi lesi simo singihlukumeze kanjani. Namanje ngisasho, ibuhlungu into engiyenziwe nguSukazi. Kuyamangaza ukuthi usengaze angenze nje ekubeni sisuka kude naye," kuzikhalela uMlambo.
Ubengaqali ukubalisa njengoba nangesikhathi ekhuluma ngalolu daba phambilini, wakusho ukuthi le nto yokunqwaha nephepha elimkhululayo imqhatha nendlala. Wathi nakuba uyakwazi ukuxosha ikati eziko kungenxa yamabhizinisi anawo eceleni.
Izolo uveze nokuthi nakuba eselitholile kodwa okwamanje kalimsizi njengoba engeke akwazi ukusayina eqenjini alithandayo.
"Yebo, kangisekho ngaphansi kweGalaxy. Kodwa ngokwendlela leli cala eliyiyo ngeke okwamanje ukujoyina elinye iqembu. Wudaba olude, engizolucacisa uma isikhathi sesifanele. Ngizoze ngokwazi ukusayina kwelinye iqembu uma sekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.
Okwamanje ngizobe ngizijimela nelinye iqembu engingeke ngiliveze igama lalo.“ UMlambo uveze nokuthi leli cala alikapheli, usafuna imali akweletwa yona.
"Angikazi ukuthi isigaba sesibili saleli cala sizohlalelwa nini. Ngithandazela ukuthi liqulwe kungakayiwa emaholidini kaDisemba. Uma kugcina ngokungenzeki lokhu, kusho ukuthi lizoze lihlalelwe ngoJanuwari noma ngoFebhuwari.“
USukazi ethintiwe wathi akafuni ukuphawula ngalolu daba.
"Nawe uma ubuyisa umqondo kahle besikuphi isidingo sokuthi sinqabe nephepha likaXola, ekubeni engasekho kithina. Abantu abasho abakuthandayo. Lizovela iqiniso ekugcineni. UXola sisuka kude naye,“ kusho uSukazi.