UBAMBE ofishi abakhulu uMkhumbane Classic odlala kwi-Safa KZN ABC Motsepe League, okuvela ukuthi usuzoqeqeshwa ngabazakhele udumo kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uDominic Isaacs noSithembiso "Imoto Entshontshimali" Ngcobo.
USithembiso Mabaso ongusihlalo waleli qembu laseThekwini, utshele Isolezwe ukuthi sebekuqede konke no-Isaacs ogcine ukuqeqesha kwiGWP Friends nayo edlala kulesi sigaba.
Uthe nakuba bebuyele ejimini izolo kodwa lo mqeqeshi odlale nakwi-Ajax Cape Town nakwiBloemfontein Celtic uzoqala umsebenzi kusasa.
"Kuyintokozo kakhulu kithina ukujoyinwa ngu-Isaacs. Ibhola alidlalisayo yileli esilifunayo. Wazakhela kakhulu ugazi kimina kade esaqeqesha iFriends. Sasidlala nayo emidlalweni yokuhlungela ukungena kwi-Last 32 Nedbank Cup ngaphambi kokuqala kwesizini. Yasishaya ngo-4-1. Ngemuva kwalo mdlalo ngibe sengiyilandela indlela asebenza ngayo.
“Thina simlande kade esekubo eCape Town. Uzosizana neSithembiso Ngcobo naye onaso isipiliyoni seMotsepe League. Engikuthanda kakhulu ngebhola lakhe ngelokuhlasela. Ngethemba ukuthi laba baqeqeshi bazolifeza iphupho lethu lokuya emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukuya esigabeni esingenhla. Ngeke ngikuthole ukuphumula kuze kuba uMkhumbane unyukela kwiPremier Soccer League," kubeka uMabaso ngokuzethemba.
U-Isaacs noNgcobo oke waqeqesha iRainham Sporting yasePhoenix, eThekwini, bangene esikhundleni sikaTom Mntambo osezoqeqesha uMkhumbane Classic odlala kwiSAB League.
Ubebambe izintambo ngemuva kokuxoshwa kukaCyril Mthembu obephikwa yimiphumela.
U-Isaacs ewayeyisitobha, udlale kwiChiefs phakathi kuka-2008 no-2012. Uphinde wadlala eqenjini lesizwe lika-Under 17, 20 nelika-Under 23.
UNgcobo waseNdwedwe, ugijime kuMaKhosi ngo-2010 kuya ku-2013. Unemidlalo eyisithupha kwiBafana Bafana.
UMabaso uveze nokuthi bamatasa nokuthungatha abagadli.
"Siye emaholidini kaKhisimusi sinenkinga yokuba buthuntu phambili. Nakuba ngingeke ngiveze amagama kodwa bakhona abagadli engicabanga ukuthi bazosijoyina maduze. Angingabazi ukuthi uma singalungisa inkinga ephambi kwamapali sizobanjwa kude.“
Njengamanje kwiStream A, uMkhumbane ulele indawo yesine ngamaphuzu awu-18 emidlalweni eyishumi. Ubambene ngamaphuzu neSummerfield Dynamos ekweyesithathu.
Phezulu kuqhwakele iStone Breakers ngawu-23. KwiStream B, phezulu kuneFriends ngawu-24.
UMkhumbane uzobuyela enkundleni ngoJanuwari 28. Uzobhekana noMkhwakhwini Classic.
UNomkhosi Zulu oyisikhulu seSouth African Football Association (Safa), KwaZulu-Natal, uthe ihhovisi labo lizovulwa ngoMsombuluko.
Uveze ukuthi ngoJanuwari 14 kuzoqala ukubuya kwemidlalo yamaqembu okuyiwe emaholidini esilele ngemuva ngemidlalo.