IPHINI lomqeqeshi weBafana Bafana, uHelman Mkhalele, likholwa wukuthi iqembu lesizwe lingaphindela esicongweni uma kungabanjiswana ebholeni lakuleli.
UMkhalele ubekhuluma ngemuva kokuthi iBafana ithelwe ngehlazo lika-6-1 yi-Angola emidlalweni eyimilenze emibili yokuhlungela umqhudelwano i-African Nations Championship (Chan) ngeSonto. Iqembu lakuleli lehlulwe ngo-2-0 ekuhambeni emasontweni amabili adlule, ngeSonto laxetshulwa ngo-4-1 ekhaya.
UMkhalele, obekade ebanjiswe iBafana njengomqeqeshi, ukhale ngezinto eziningi okukhona kuzona ukuncishwa abadlali ngamaqembu nokuthola abadlali abakhuhla ibhentshi emaqenjini abo. IChan ayikho ngaphansi kwekhalenda leFifa. Lokhu kusho ukuthi amaqembu awaphoqiwe ukudedela abadlali.
"Asikwazi ukugxeka amaqembu ngoba awaphoqiwe ukudedela abadlali. Ngakho ngibona ukuthi lena ngenye yezinkinga ezijulile okufanele singabantu bebhola sihlale phansi sizixoxe ukuthi singalisiza kanjani iqembu lesizwe kulesi simo. Uma kwenzeka kanjena, ngeke lithuthuke ibhola futhi kuzolimaza nesithunzi sethu siyizwe ngoba sinabo abadlali abanekhono," kusho uMkhalele.
"Ukushaywa ekhaya ngale ndlela ekubeni sazi ukuthi sinalo ikhono esingakwazi ukulithola, kwakha isithombe esibi ngebhola lethu. Okudingekayo ukubambisana sibone ukuthi singasizana kanjani ngoba uma siqhubeka kanje sizohlala sizigxeka thina futhi sigxekana sodwa. Lokho ngeke kulikhulise ibhola ezweni."
Ukwenqaba nabadlali kwamaqembu ePremiership yinto ejwayelekile ebholeni laseMzansi, ikakhulukazi emidlalweni yeChan. Nokho akubukeki kuyisimo esisukunyelwayo. Okwamanje, kukhona abagxeka ukungahoshelani phakathi kweSouth African Football Assiciation (Safa) nePremier Soccer League (PSL).
"Ngiyakholwa wukuthi uma singahlala phansi sihlanganise amakhanda, sibambisane, sizovumelana ngokuthi sizosiza kanjani. Kwamanye amazwe, uma kudlala iChan kuma konke. Uyibonile indlela i-Angola ejabule ngayo ihlula iNingizimu Afrika. Ayinandaba ukuthi ishaye iqembu elinabadlali abangadlali njalo emaqenjini abo.
“Ngokwabo bahlule iNingizimu Afrika, futhi kubhalwe lokho phansi. Kodwa thina siyiNingizimu Afrika siyenqaba ukudedela abadlali ngoba asiphoqiwe. Ekugcineni isithunzi nokuzigqaja kwezwe kulimele kakhulu. Anginaso isiqiniseko sokuthi yilokhu yini esikufunayo siyiNingizimu Afrika," kusho uMkhalele.
"Ukuba seqenjini ngisengumdlali namanje sengisethimbeni labaqeqeshi, siyabona abantu bezigqaja ngokumela amazwe abo kungakhathaleki ukuthi umqhudelwano ugunyazwe yiFifa noma yiCaf. Kodwa bayaziqhenya. Uma singakubona lokho nathi siwumndeni webhola wonkana, ngiyakholwa ukuthi iNingizimu Afrika, ngabe ayikho lapho ngokukeliswa kwamazwe.
“Angicabangi ukuthi ngabe silapha ngokuzibekisela indawo emiqhudelwaneni emikhulu. Ngiyakholwa wukuthi uma sikubeka eceleni ukungezwani, ngokweqiniso, sisebenzele ukwakha nokuvikela ifulegi ebholeni ikakhulukazi elabesilisa, singazishintsha izinto, sizuze okungaphezu kokwango-1996."