UMDLALI wasemuva osanda kujoyina iKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, usephumele obala ngokulambela inselelo entsha eqenjini lakhe elisha eliphezu kokuhlanganisa inqanawe yesikimu esizokwazi ukushintsha izinto ngemuva kwesikhathi eside linganqobi izicoco.
UMiguel (28) udabuka ePortugal kodwa udlala eqenjini lesizwe lase-Angola.
Usayiniswe iChiefs ngo-Agasti esuka kwiPetro du Luanda yase-Angola eyiqembu elikhonyayo nelinqoba izicoco kuleliya lizwe nelihlale lidlala kwiCaf Champions League.
Lesi siqongqwane somdlali wasemuva kulindeleke ukuba sibonakale okokuqala esikimini seChiefs ezovula imidlalo yeBetway Premiership yesizini ka-2024/2025 neMarumo Gallants, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, eFree State Stadium, eBloemfontein.
“Ngiwine zonke izicoco kwiPetro de Luanda kule minyaka emibili ngidlala kuyona. Ngakho ngibone kunesidingo sokuthi ngithole inselelo entsha kuleli qembu elinezinhloso ezifanayo zokuzuza izinto ezinkulu. Ukuqala enye into ehlukile neqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs kusho lukhulu kimina. Yikhona okungenze ngakhetha ukuyijoyina,” kusho uMiguel, ekhuluma nabezindaba izolo eGoli.
Ujoyina iChiefs osekuphele amasizini ayisishiyagalolunye ingazuzi sicoco. Leli qembu lagcina ukuphakamisa indebe ngesizini ka-2014/2015 ngeMTN8 nendebe yeligi. UMiguel ukubeke kwacaca ukuthi akafuni ukugxila kosekwedlule kodwa ubheke okuzayo.
“Asifuni ukugxila kosekwedlule ngoba uma senzenjalo mhlawumbe ngeke sikwazi ukushintsha izinto. Kumele sibheke esifuna ukukufeza, okuyisona sizathu esingilethe lapha (kwiChiefs). Iqembu lifuna okuhlukile. Lifuna elingakwenzanga eminyakeni edlule.”
Ube eseveza uhlangothi lobuholi kuyena. Egcizelela ukuthi ubuholi bakhe buncike ekubeni yisibonelelo kunokuba akhiphe imiyalelo.
“Ngizwa abantu bethi kimi, ‘ungumholi…ungumholi.’ Angibatsheli abantu ukuthi benzeni. Ngiyabakhombisa ukuthi kumele kwenziweni futhi kanjani. Angiyi ejimini ngifike ngitshele ozakwethu ukuthi abenzeni, kufanele ngibakhombise ngokwenza. Umholi weqiniso ukhombisa ngokwenza, akagcini ngokutshela abantu ukuthi benzeni bese ehlala phansi ebukela. Mhlawumbe yingakho abantu bengibiza ngomholi. Angibatsheli ukuthi yini okumele yenziwe, ngivele ngiyenze.”
Emuva uMiguel ujoyina uGiven Msimango, Thatayaone Ditlhokwe noRushwin Dortley osanda kujoyina iqembu esuka kwiCape Town Spurs, nokubhekwe lukhulu kubona ekuqiniseni udonga lwasemuva lwaleli qembu elingenelwe ngamagoli angu-30 ngesizini edlule.