UMILUTIN "Micho" Sredojevic ongumqeqeshi weqembu lesizwe lase-Uganda uveza ukuthi nakuba kumphathe kabi kakhulu ukusolwa ngokunukubeza owesifazane ngo-2020, ese-Eastern Cape kodwa elakuleli akalibambele gqubu, usazimisele ukubuya azosebenza.
NgoDisemba ngo-2020, ngesikhathi lo mqeqeshi ehambele iCosafa Cup, eWolfson Stadium, eGqeberha, e-Eastern Cape, wabekwa lezi zinsolo ngowesifazane onguweta.
IGqeberha Regional Court yamgweba iminyaka emithathu. Lesi sigwebo salengiswa ngombandela wokungatholakali necala elifanayo eminyakeni emihlanu.
USredojevic ozakhele igama kuleli eqeqesha kwi-Orlando Pirates kumasizini edlule, wathatha isinqumo sokulidlulisa leli cala ngenhloso yokuguqulwa kwesigwebo.
Ngenyanga edlule iGrahamstown High Court imthole engenacala.
Engxoxweni ekhethekile Isolezwe elibe nayo noSredojevic ese-Uganda, uveze ukuthi kusukela ngo-2020 enindwe ngalezi zinsolo uhlukumezeke kakhulu kanye nomndeni wakhe.
"Empeleni kangisathandi ukukhuluma ngaleli cala ngoba into engasekho. Nokho angikuveze ukuthi ngizizwa sengifana nomuntu ozelwe kabusha. Njengoba ngangishilo naphambilini, ngabekwa lezi zinsolo ngoba kukhona umkhankaso wokudicilela phansi igama lami. Abantu abangaziyo ngisho nangaphandle kwebhola bazokutshela ukuthi ngiwumuntu ohlonipheke kangakanani. Ngiwubaba, nginezingane ezinye ezingamantomazane engingaphatheka kabi uma kuthiwa zihlukumezekile," kubeka uSredojevic odabuka eSerbia.
USredojevic akaqali ukusolwa ngokupotoza abantu besifazane. Ngemuva kokuthi eshiye isigubhukane kweZimnyama ngo-2019, kwavela imibiko eyathi ubalekele amaphoyisa ngenxa yazo izinsolo zokufuna ukuzithintela kowesifazane. Akuphelanga sikhathi esingakanani wabe esevumbuka eqenjini lesizwe laseZambia.
Lo mqeqeshi obuya ihlandla lesibili kumaThe Cranes, uveze ukuthi uma kuphela inkontileka yakhe e-Uganda ngeke abe nenkinga yokubuyela eNingizimu Afrika.
"Nakuba ngingeke ngidalule amagama kodwa akhona amaqembu aseNingizimu Afrika angishelayo. Ngeke ngikwazi ukuwajoyina ngisajabule lapha. INingizimu Afrika iyohlale iyikhaya lami lesibili. Akungiphuthi ukuyilandela iligi yalapho. Kulesi sipiliyoni enginaso ngebhola lase-Afrika, lapho kwelakini nisendaweni yokuqala ngokusingatha iligi yenu. Isibili i-Egypt bese kuba iMorocco. Ngokudlalwa kwebhola nilele isithathu. Kweyokuqala i-Egypt bese kuba iMorocco".
Njengamanje ezikaSredojevic zisendaweni yokugcina ku-Group F, abaqhathwe kuwo ne-Algeria, Niger neTanzania kweyokuhlungela i-Afcon, ngonyaka ozayo, e-Ivory Coast.
Emidlalweni emibili zisadlale kowodwa ngokulingana zaphinde zadliwa. Lo mqeqeshi uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukuya e-Ivory Coast.