USEPHINDE waphenduka undingasithebeni umgadli wakuleli, uLuther Singh, ngemuva kokuthi iqembu lakhe, iFC Copenhagen, seliphumele obala ngokuthi akekho ezinhlelweni zalo zesizini entsha.
USingh (25) ufike kuleli qembu laseDenmark ngo-Agasti, ka-2021, wasayina inkontileka yeminyaka emine okumele iphele ngo-2025.
Nokho, akuhambanga kahle zibekwa ngenxa yezizathu ezehlukene. NgoSepthemba ka-2021, ngemuva kokubizelwa eqenjini lesizwe, akakwazanga ukubuyela eqenjini lakhe ngesikhathi esifanele ngenxa yokuthi i-passport yakhe yayisiphelelwe amakhasi okugxivizwa kuyona.
Lokhu kwaholela ekutheni ahlale isikhathi esingaphezulu kwesonto elindile okuyinto eyanenga izikhulu zeCopenhagen njengoba isizini yayisiqalile.
Ngesikhathi ebuyela eDenmark wadlala imidlalo emine, yonke ephuma ebhentshini, wabe esegula ngoNovemba, kwadingeka ukuthi alaliswe esibhedlela.
Kuthe eseluleme wangabuyiselwa eqenjini elikhulu. Wayalelwa ukuthi aziqeqeshe yedwa ngaphambi kokuthi adlale imidlalo emibalwa eqenjini elincane.
Ubolekiswe eqenjini lasePortugal, i-GD Chaves, ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23, ngethemba lokuthi uzobuyisa ifomu eyaheha iCopenhagen.
Ngesikhathi egijima kwelinye iqembu lasePortugal, iPacos Ferreira, ngesizini ka-2020/21, washaya amagoli amahlanu wakha amanye amahlanu.
Izinto azimhambelanga kahle lo mgadli kwiChaves ngesizini edlule njengoba eshaye igoli elilodwa. Uqale imidlalo emihlanu, wangena esuka ebhentshini kwengu-17.
Selokhu adedelwa yiChaves ekupheleni kwesizini, akazange abe yingxenye yamalungiselelo eCopenhagen njengoba isikhulu saleli qembu, uPeter Christiansen, sicacisile ukuthi basazama ukumtholela elinye iqembu.
“Njengamanje uzilolongela kwenye indawo futhi usabheka ukuthi angaya kuphi. Akuyona imfihlo lokho kodwa asikho isidingo sokudalula ukuthi ukuphi,” kusho uChristiansen ngesikhathi ekhuluma nephephabhuku laseDenmark, iTipsbladet.
Ukuphelelwa yifomu kukaSingh kumlahlekisele indawo naseqenjini lesizwe futhi udinga ukuthola iqembu elisha maduze aqale ukudlala uma efuna ukudonsa iso lomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngaphambi kwe-Africa Cup of Nations, ezoba se-Ivory Coast ngoJanuwari, 2024.
Ushaye amagoli amathathu emidlalweni engu-13 ayidlalile kwiBafana Bafana.