UJUDAS Moseamedi (28) uvuma ukuthi besekuqala ukumethusa ukuba ngumantunta nendishi emuva kokuhlukana neStellenbosch ekupheleni kwesizini edlule.
Ngesonto eledlule lo mgadli waseTzaneen, eLimpopo, usayine kwiMarumo Gallants inkontileka yezinyanga eziyisithupha.
Ngemuva kokuthi iStellenbosch singayivuselelanga inkontileka yakhe, uzame inhlanhla kwiRichards Bay nakwiMaritzburg United ake adlala kuyo eminyakeni edlule.
Emasontweni edlule leli phephandaba libike ukuthi uFadlu Davids, ocija iMaritzburg, umdedele ngenxa yokuzimuka kwakhe.
UMoseamedi utshele Isolezwe ukuthi liphume nobomvu esayina kwiGallants.
"Ngithanda ukubonga kakhulu kusihlalo weGallants ngokunginika ithuba eqenjini lakhe. Ngeke ngimshiye ngaphandle umqeqeshi ngokukholelwa kimi. Ukukutshela iqiniso nje, besekuqala ukungethusa ukungalitholi iqembu,“ kusho uMoseamedi.
“Yebo, bengisazame inhlanhla emaqenjini amabili kodwa kuhlale kwethusa ukungabi nomsebenzi oqondile. Angikuveze futhi ukuthi kungiphathe kabi ukugcina ngingasayinanga kwiMaritzburg.
"Okuhle ngeMarumo wukuthi ngeyangasekhaya, ngizothola ithuba lokudlala phambi kwezihlobo nabangani bami.“
Ebuzwa ngokuzimuka okubikwa ukuthi yikho okwenze agcine engayitholi inkontileka kwiMaritzburg, uthe:
“Ngiqala ngawe ukukuzwa lokho. Mina umzimba wami uhlale usesimeni esikahle. Noma sengihambile kwiStellenbosch bengiqhubeka nokuziqeqesha ngokuzikhandla.
“Ukube ngikhuluphele iMarumo Gallants beyingeke ingisayinise. KwiMaritzburg ngatshelwa ukuthi ngeke ngikwazi ukuba sezinhlelweni zomqeqeshi. Bangitshela ukuthi badinga olunye uhlobo lomgadli."
UMoseamedi kulindeleke abe yimpendulo yamagoli kwiGallants esendaweni yokugcina kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-15, emidlalweni ewu-18.
“Isifiso sami wukusiza iMarumo ukuthi ingadliwa yizembe. Lokhu ngibona sizokwenza ngempumelelo. Ngizothatha umdlalo ngamunye,” kusho uMoseamedi.
IMarumo yiqembu lesihlanu ukusayinisa uMoseamedi. Ngaphambi kokujoyina iStellenbosch neTeam of Choice, uke wadlala kwiMpumalanga Black Aces, Free State Stars, Cape Town City