AYAQHUBEKA nokuqinisa isikwati sawo AmaZulu njengoba kuvela ukuthi asehlabane ngesikhwishikhwishi, u-Ali Meza obedlala kwiMaritzburg United edliwe izembe.
Kungapheli sikhathi uSuthu lumemezele uPablo "Cijimpi" Martin waseSpain njengomqeqeshi,
Isolezwe lithole ukuthi lo mdlali unqandwe esethi ubuyela kwelakubo eVeneuzela.
UMeza ungumdlali obebalwa kwabayizinsika zeTeam of Choice njengoba edlala ezindaweni ezahlukene.
Uyakwazi ukudlala njengomgadli, abuye adlale kuzona zombili izinhlangothi.
Utheleke kuleli ngesizini ka-2018/19 ezodlala kwiMamelodi Sundowns anqobe nayo izicoco ezimbili zeligi, eseNedbank Cup neseTelkom Knockout.
Ngemuva kwale mpumelelo iSundowns iqome ukumbolekisa kwiMaritzburg egcine imthathe ngokuphelele ngeka-2020/21.
Kuvela nokuthi AmaZulu asephinde aqeda konke noVictor Letsoalo obegadla kwiSekhukhune United. Kuthiwa uzoshintshana noRally Bwalya waseZambia oyibamba esiswini.
Ubefike oSuthwini ekuqaleni kwesizini edlule ephuma kwiSimba yaseTanzania.
Kuthiwa uBrandon Truter ocija iBabina Noko, umthanda ukufa.
Ngokusho komthombo, njengoba kukhonjwe indlela uLehlohonolo Majoro, abaphathi boSuthu bakholelwa ekutheni uLetsoalo uzokwenza umsebenzi oncomekayo ngokwedlulele.
Uqhube wathi bakholelwa ekutheni uTruter ubengamsebenzisi ngendlela efanele.
Kwisizini ka-2022/23 ushayele uTruter amagoli amane wakhanda namathathu emidlalweni ewu-27 yeligi.
Ushaye nelilodwa emidlalweni emihlanu yeNedbank Cup.
Kwisizini ka-2021/22 wahamba kwiRoyal AM eyishayele amagoli awu-15 waphinde wakhanda namabili kwewu-27 yeligi. Washaya namabili kwemine yeNedbank.
Lokhu kushisa kwaholela ekutheni uHugo Broos ambizele eqenjini lesizwe amahlandla ayisithupha.
"Ahleka wodwa AmaZulu njengoba ehlabene ngoMeza. Nakuba iminyaka seyithanda ukumshiya kodwa akubuzwa ukuthi uwumdlali wezinga eliphezulu. Mayelana noLetsoalo, abaphathi baMaZulu bakholwa ukuthi kubona uzovuka ame ngezinyawo. Bobabili laba badlali kubhekwe ukuthi bafeze iphupho likamengemeli weqembu lokuqeda kwi-top 4 kwisizini ezoqala," kubeka umthombo.
Kubuzwa uSandile Zungu umengameli weSuthu, ngokujoyinwa ilaba badlali akaphikanga futhi akavumanga.
"Ngeke ngiphawule ngabadlali esizobasayinisa nabazosishiya. Njengoba iqembu lenzile kumqeqeshi, nakubadlali lizokwenza isimemezelo noma likhiphe isitatimende," kubeka uZungu.
Ngaphandle kukaMajoro omunye ochithiwe uDumsani Zwane. Kuvela nokuthi uSuthu luzochitha abafana noGabadinho Mhango waseMalawi, Abubaker Mobbara, Thabo Qalinge ukusho abambalwa.
Lubuye lwachitha noTsepiso Mofokeng obeyimenenja jikelele.
Ukukhuculula kuMaZulu kuthiwa sekuthinte nenkakha uSiyabonga Nomvethe okuvela ukuthi usekhonjwe indlela. UNomvethe kuphele isizini edlule eseqeqesha iqembu leDStv Diski Challenge ngokubambisana ngoReneilwe Letsholonyane. Uthole lesi sikhundla kulandela ukwenyuselwa esikimini esikhulu kukaSiboniso Vilakazi eyoba yiphini lika-Ayanda Dlamini. UVilakazi, okungaziwa ukuthi uzonikwa siphi isikhundla ngesizini ezayo, kuthiwa akakanikwa inkontileka entsha.