USEBUMNYAMENI ngekusasa lakhe umdlali weRichards Bay, uLuvuyo Memela, ongakayivuseleli inkontileka naleli qembu.
IBay iqede isizini sekunzima, isisengcupheni yezembe phezu kokuba iyiqale kahle isizini yokuqala kwiDStv Premiership.
Igcine iyivale endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-30. Yikhona lokhu okuholele ekutheni abaphathi bakhombe indlela ithimba labaqeqeshi ebeliholwa nguVasili Manousakis, namaphini uPitso Dladla noRonnie Gabriel. Akubuzwa ukuthi kukhona nabadlali abazokhululwa yileli qembu emasontweni azayo. IBay izovula ngoMsombuluko ukuzoqala amalungiselelo esizini entsha.
UMemela, ophelelwa yinkontileka ngesonto elizayo, uthe akazi ukuthi kuzokwenzekani ngaye.
"Asikakhulumi neqembu mayelana nenkontileka entsha. Akukho okukhulunyiwe ngaphambi kokuthi sihlukane ekupheleni kwesizini edlule. Ngokwami, ngiyafisa ukuqhubeka ngidlalele iqembu, ngaphandle ke uma bona bengasafuni. Ngizokwamukela lokho. Yizinto zakhona ebholeni. Ngizolinda ukuzwa uma sesivula ukuthi kuzokwenzekani," kusho uMemela.
Leli nxele elizakhele igama eMzansi liyibamba kwi-Orlando Pirates, lijoyine iBay ekuqaleni kwesizini esanda kusongwa lisuka kuMaZulu. Lidlale imidlalo yePremiership engu-23, lakha igoli elilodwa, lashaya inethi kanye.
Emasontweni adlule, usihlalo weBay uSifiso "Jomo" Biyela, uveze ukuthi bazozimemezela izinguquko uma sebeqede konke, wathi ufuna iqembu lenze kangcono ngesizini ezayo.
IBay isisayinise uJustice Figuareido waseSwatini obegijima kwi-All Stars kwiMotsepe Foundation Championship noThato Mohlamme obedlalela uThongathi FC oyindodana yenkakha yePirates, uBennedict "Tso" Vilakazi.
Abanye abadlali abamenyezelwe yiRich Boys nguLetsie Koapeng noLucky Mohomi abasuka kwiMarumo Gallants egawulwe yizembe kwiPremiership.
Ngaphezu kwalokho, iBay ithole uThobani Mthembu, Nkululeko Miya noNkanyiso Ndlovu abebeyibamba kuMsinga United kwi-ABC Motsepe. Kunamahlebezi okuthi iBay isayinise unozinti weDondol Stars, uSphamandla Gumede.
UMemela uvumile ukuthi abenzanga kahle esigabeni sesibili sesizini ka-2022/2023.
"Besenelisekile ngendlela esiqale ngayo isizini kodwa ngokuhamba kwesikhathi sahluleka ukuwina imidlalo. Lokho akusijabulisanga. Kodwa okubalulekile wukuthi sikwenzile obekudingeka okuwukuthi iqembu lingadliwa yizembe. Nginesiqiniseko sokuthi abaphathi babonile lapho okonakale khona futhi bazolungisa ngesizini ezayo," kusho uMemela.