USELINDE AmaZulu ukuze kucace ngekusasa lakhe unozinti waseGabon, uJean-Noel Amonome, obebolekiswe kuThongathi ngesizini edlule.
U-Amonome, obelizwa ngendaba ijezi kuMaZulu, usalelwe wunyaka enkontilekeni anayo naleli qembu. Uhluleke wancama ukudla ijezi kuVeli Mothwa. Emuva kokubolekiswa kwakhe kwiCane Cutters maphakathi nesizini edlule, Usuthu luboleke uJody February kwiMamelodi Sundowns. UFebruary udlale imidlalo eyisithupha.
U-Amonome uthe AmaZulu yiwona azonquma ngekusasa lakhe.
"Nginenkontileka yonyaka naMaZulu okufanele ngiyoyiqedela. Angazi noma iqembu lizongibolekisa futhi noma lizongibuyisa. UThongathi belufuna ngiqhubeke kodwa ngeke kube lula njengoba nginenkontileka naMaZulu. Amalungiselelo okuqala isizini ngizowenza naMaZulu yilapho ngicabanga ukuthi bazongazisa khona okuzokwenzeka," kusho u-Amonome.
U-Amonome ulinde isinqumo ngekusasa lakhe nje, usekhempini yeqembu lesizwe laseGabon elizodlala umdlalo owandulela wokugcina wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) neDemocratic Republic of Congo ngoJuni 18, ekhaya. IGabon iseqhulwini likaGroup I ngamaphuzu ayisikhombisa emuva kwemidlalo emine.
KuMaZulu, ngesonto eledlule, kuvele ukuthi baningi ababambe umoya ngekusasa kwazise kuthiwa kukhona abazokhonjwa indlela. Kuthiwa izinguquko zizothinta nabasehhovisi leqembu. Nokho lokho kugcine kuhlehlisiwe, kwathiwa kuzoqedelwa konke kuleli sonto. Kubadlali okulindeleke ukuthi bakhonjwe indlela okukhona kubo uDumisani Zuma, Keagan Buchanan, Abubakar Mobara nabanye.
Leli phephandaba lithole ukuthi ezinsukwini ezedlule, uSandile Zungu (umengameli woSuthu), ubehlangene noRamahlwe Mphahlele ngenhloso yokumgcina eqenjini. Lesi sitobha sijoyine AmaZulu ekuqaleni kwesizini eyedlule siphuma kwiKaizer Chiefs ebese sihlale iminyaka eyisithupha kuyo.
UMphahlele lumsayinise isizini eyodwa ebihambisana nombandela wokuvuselela ngesizini eyodwa. Ngokuthola kweSolezwe Usuthu bekumele lumazise ekupheleni kuka-Ephreli ukuthi luzoyivuselela noma cha. Alukwenzanga lokho.
Lokho kusho ukuthi usenelungelo lokukhuluma noma iliphi iqembu. Kuvela ukuthi ufunwa iSekhukhune United. Kuthiwa noMphahlele akanankinga yokubuyela eThekwini, inqobo nje uma luzomnika akufunayo. Eminye imithombo ithi inqwaba yabadlali isitsheliwe ukuthi kayibuyi.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uZungu. Kuze kwashaya nesikhathi sokushicilela engayiphenduli nemibuzo abethunyelelwe yona. Nokho leli phephandaba lithole ukuthi ubematasa nezindaba ezithinta abadlali.