ONGUKAPUTENI nomdlali wasemuva kwiRichards Bay FC, uSimphiwe “Simba” Mcineka, uthi kungaba yisibusiso kuyena ukuhola ngempumelelo leli qembu asuka kude nalo lifinyelele okokuqala kowamanqamu weCarling Black Label Knockout.
UMcineka (27) nguyena owashaya iphenathi yokugcina iBay eyanqoba ngayo iguqisa i-Orlando Pirates ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kuma-quarterfinal eCarling Knockout.
IBay izotholana phezulu neStellenbosch FC kowandulela owamanqamu eCarling Knockout, ngoMgqibelo, ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Iza kulo mdlalo ibuya ekubambaneni ngo 0-0 nayo iPirates koweDStv Premiership, khona eKing Zwelithini Stadium, ngempelasonto.
“Akuyona into encane ukufinyelela kwethu kowandulela owamanqamu eCarling Knockout, ngakho sizimisele kakhulu ngokulwela ukufinyelela kowamanqamu njengoba sizodlala neStellenbosch kowandulela owamanqamu.
Njengokaputeni weqembu kungaba yisibusiso nento enkulu kimina ukuhola iqembu lifinyelele kowamanqamu womkhumulajezi okokuqala emlandweni weqembu. Ngingasayiphathi-ke eyokuwina indebe, kungabe kuqopheke umlando omkhulu kimina nozakwethu neqembu lonke nje jikelele,” kusho uMcineka.
Lo mdlali odabuka eNseleni, eMpangeni, ungomunye wabadlali abadala kuleli qembu njengoba alijoyina ngesizini ka-2017/2018, lisadlala esigabeni seFirst Division, esuka ezigabeni zama-amesha, kwaze kwabe likhushulelwa esigabeni seDStv Premiership ngesizini ka-2021/2022.
“Siyazi ukuthi uma singazimisela njengoba sazimisela sibhekene nePirates singakwazi ukuyishaya iStellenbosch sifinyelele kowamanqamu okuyinto engenzeka ngoba lona ngumdlalo womkhumulajezi.
Iqembu selihlangene kahle manje, sesiyifundile indlela umqeqeshi uKaitano (Tembo) afuna sidlale ngayo, osekudingeka nje wukuthi silwele ukugcina umgqigqo esikuwona njengamanje.“