KUQHUMA phezulu igama likaBenni McCarthy nelikaSiyabonga Nkosi kubantu ababalwa ngowayengumdlali weKaizer Chiefs, uBernard Parker, encwadini ekhuluma ngempilo yakhe athembisa ukuyikhipha maduze.
“Le ncwadi iqala ukukhuluma ngami ngisakhula, kuze kuba ngingena ebholeni. Nakuba ngisazomemezela ukuthi izotholakala nini ezitolo nokuthi isihloko sayo sizothini, kodwa ngingakuveza ukuthi kuyo ngiphawulise abantu engibahloniphayo kulo mkhakha,” kusho uParker.
“Abanye babo nguBenni McCarthy, Siyabonga Nkosi, abaqeqeshi engisebenzisane nabo e-Europe nabanye. Angingabazi ukuthi abantu bazoyithokozela.”
UParker ungomunye wabadlali asebehlale isikhathi eside ebholeni elikhokhelayo, kwazise usebala iminyaka engu-19 eziphilisa ngokudlala unobhutshuzwayo.
Engxoxweni ekhethekile Isolezwe elibe nayo noParker, osohlwini lwabadlali abahamba phambili ngamagoli emlandweni weBafana Bafana, uthe imfihlo yakhe ngukwenza okulungile ngaso sonke isikhathi.
“Ngithanda ukuyala abadlali abasebancane ukuthi bawuhloniphe lo mdlalo ngoba uyingozi uma ungawuhloniphi. Mina ngisizwe yiko ukuhlale ngicophelela. Ngenza isiqiniseko sokuziphatha kahle enkundleni nangaphandle kwayo,” kusho uParker.
Lo mgadli waseBenoni, uqale ukuzakhela udumo kwiThanda Royal Zulu wabe esenikela phesheya kwiRed Star Belgrade yaseSerbia.
Ngo-2009 udlulele kwiFC Twente yaseNetherlands. Nayo unqobe isicoco seligi (Eredivisie) ngo-2009/10 neseJohan Cruyff Shield ngo-2010 ngango-2011.
Ube esejoyina iPanserraikos F.C yaseGreece ngaphambi kokujoyina iKaizer Chiefs ahlale kuyo iminyaka ewu-11.
KwiChiefs unqobe iligi ngo-2012-13 nango-2014-15, yiNedbank Cup (2012-13) neMTN8 (2015).
Ngo-2013-14 unqobe iLesley Manyathela Golden Boot.
Ubekhona esikwatini seBafana esisingathe i-2009 Confederation Cup ne-2010 Fifa World Cup, i-2013 Afcon.
Lo mgadli usanda kuthola iziqu zokuqeqesha zeCaf C Licence kanti emfundweni ephakeme uphothule iSport Management.