AKAFUNI ukudidiswa amahemuhemu amkhomba eqenjini laphesheya kwezilwandle, uThalente Mbatha, we-Orlando Pirates kepha uzogxila ekuzinzeni kuleli qembu nakwelesizwe iBafana Bafana abizelwe kulona okokuqala.
UMbatha ungomunye wabane ababizelwe kwiBafana okokuqala njengoba leli qembu lizobhekana ne-Uganda emdlalweni ka-Group K kweyokuhlungela i-Africa Cup of Ntaions (Afcon) ezosingathwa iMorocco ngonyaka ozayo.
Abanye abasha eqenjini likaHugo Broos, uFawaaz Basadien, Sipho Chaine noRushwin Dortley.
IBafana izodudulana ne-Uganda ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
UMbatha (24) odabuka KwaMashu, eThekwini, ofike kwiPirates kwazwakala maphakathi nesizini edlule ebolekwe kwiSuperSport United, ubekhuluma esithangamini nabezindaba seBafana ekuqaleni kwesonto eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ngemuva kokushaya into ecokeme kweZimnyama lo mdlali ube esesayina ngokugcwele kuyona ekupheleni kwesizini.
Ngaphambi kwalesi sithangami bekusabalele amahlebezi akhomba uMbatha kwiCardiff City edlala kwiChampionship e-England.
“Ngeke ngikuvumele ukudidiswa amahemuhemu ngeqembu laphesheya kwezilwandle ekubeni ngisanda kusayina ngokugcwele kwiPirates,” kusho uMbatha kwabezindaba.
“Kwakuvele kuyisibusiso sami ukudlala emiqhudelwaneni yase-Afrika ngakho-ke ngisajabulela lokho okwamanje ngoba iPirates iyanginika leli thuba.
“Ngibizelwe kwiBafana okokuqala empilweni yami okuyinto engicabanga ukuthi kufanele ngiyithokozele mina nomndeni wami ngoba isheshile ukufika yize bengivele ngiyifisa.
“Ngiyabonga kubaqeqeshi beBafana ngokungiqaphela kanjalo nakwabePirates ngokungibophela emidlalweni emqoka kusukela kuqale isizini.
“Nakuba ngimusha esigabeni esikhulu kodwa sengikufundile ukuthi ithalente engiliphiwe uMdali alanele uma ngizothembela kulona lodwa ngingazikhandli emsebenzini,” kuqhuba yena oyibamba esiswini.
UMbatha osuke kwiHighlands Park ngaphambi kokusayiniswa yiSuperSport United, unxuse nabanye abadlali abathathwa njengabayikusasa lebhola eNingizimu Afrika ngobumqoka bokuzimisela.
“Ngiyalishumayela leli vangeli lokuzikhandla ikakhulukazi kulaba abathathwa njengabadlali abasebancane njengami.
“Izinga eliphezulu iBafana esiyifica ikulona kufanele ligcinwe kumbe lenziwe libengcono. Konke lokhu kusezandleni zethu abadlali ababukwa njengekusasa lebhola laseMzansi,” kusho uMbatha.
UMbatha uzobanga indawo nabadlali asebenokhakhayi oluqinile kwiBafana njengoSiphepelo “Yaya” Sithole noTebogo Mofokeng, ukubala abambalwa.
Ngesikhathi uBroos ethula isikwati sakhe azobhekana ngaso ne-Uganda neSouth Sudan, uchazile ngesizathu sakhe sokulanda uMbatha.
“Sekunesikhathi simthungatha umdlali onethambo kodwa ononyawo oluhle njengoMbatha kwazise izitha eziningi esibhekana nazo zivamise ukugqisha esiswini ngabadlali abade futhi abathembele kakhulu ezikhwepheni,” kusho uBroos kwabezindaba ngeledlule.