UMQEQESHI weCape Town Spurs, u-Ernt Middendorp, ukhale ngokushoda ngabadlali abaningi abanamava ngesikhathi bebanjwa ngaMaZulu FC ngo 1-1 koweDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
ISpurs ingene kulo mdlalo inamaphuzu amathathu kuphela emgodleni wayo emidlalweni engu-14, eyawathola idla i-Orlando Pirates ngenyanga edlule. Ngale kwalokho ibisibulewe ngesibhaxu emidlalweni engu-13 yeligi.
Kulo mdlalo noSuthu, ezikaMiddendorp yizona ezigadle kuqala ngegoli elingqofwe nguLuke Baartman sekuzoyiwa ekhefini. Nokho zihlulekile ukuvala ngci emuva kwesesibili, uSuthu lathola elokulinganisa elivalelwe nguCelimpilo Ngema sekusele imizuzu engu-10 umdlalo uphele.
“Bekusifanele ukuthi sihambe phambili ngo 1-0 ngesikhathi kuyiwa ekhefini. Ekugcineni kubonakalile ukuthi sineqembu elinenqwaba yabadlali abangakaqini ukhakhayi. Abadlali abafana njengoChumani (Butsaka), engibona sengathi ubengumdlali ovelele kulo mdlalo, uLuke uneminyaka engu-17, uLiam (Bern) uneminyaka engu-20, ngingaqhubeka ngibale nabanye abalingana nabo,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Ekugcineni kuvelile ukuthi abakafiki ngokuphelele ezingeni elidingekayo esigabeni esiphezulu. Kulungile, basazofunda, bakhule. Ngiyazi ukuthi iqembu lijabulile ngokuthola iphuzu kodwa ngokwami uma ngibheka indlela ebesiwuhlelele ngayo lo mdlalo, kangigculisekile.
“Ngiyalibongela iqembu kodwa leli akulona izinga engililindele. Kuningi esisebenzele phezu kwakho phakathi nesonto silungiselela lo mdlalo kodwa sangakwenza enkundleni. Kwesinye isikhathi abadlali bebethatha izinqumo ezingafanele noma baxhamazele sebefikile phambili.”
I-Urban Warriors isayibambe emsileni kwi-log ngamaphuzu amane emidlalweni engu-15. Umdlalo wayo olandelayo kuzoba ngowomkhaya weligi neCape Town Spurs ngoDisemba 31.
UMiddendorp uthe basazosihlaziya isikwati sabo ukuze babone ukuthi bangaqinisa kuphi um sekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
“Njengoba ngike ngasho phambili, akusikho ukuthi asinabo abadlali abanekhono, bakhona. Kodwa sisemsileni ngamaphuzu amane. Kusho ukuthi kufanele sibheke zonke izindawo, onozinti, izitobha, abadlali basesiswini nabagadli,” uqhube kanje.
“Inkinga wukuthi ngabe sizobathola yini labo badlali esibadingayo? Uma singabatholi kuzomele siqhubeke nokusebenza nalaba esinabo, sibathuthukise, sibheke ukuthi sibahlela ngendlela efanele yini enkundleni futhi sibadlalisa uhlobo lwebhola olubalungele yini,” uphethe kanje.