UFANISA iMoroka Swallows nebhubesi elilimele, elizimisele ukusobozela kwasani oluphambi kwalo, uThabo Matlaba ongesinye sezithenjwa zeRoyal AM.
IRoyal AM neZinyoni bazotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama, eHarry Gwala Stadium.
EzikaMatlaba ziya kulo mdlalo zihambela phezulu ngenxa yokunqoba imidlalo emibili edlule kulandelana.
Zicoboshise iRichards Bay ngo 3-2 enkundleni efanayo ngempelasonto edlule.
Kowandulela lo mdlalo bezihlule iCape Town Spurs.
Zikleliswe endaweni yesi-13 ngamaphuzu awu-17. Emidlalweni ewu-13, zisanqobe emihlanu, zahlulwa kweyisithupha, zadliwa kwemibili.
UMatlaba obedlala kuzo iZinyoni ngaphambi kokujoyina iThwihli Thwahla, uthe nakuba bejabule kodwa kuyabakhathaza ukuvuza emuva.
"Sihlale sisebenza kanzima ejimini. Ubufakazi ukushaya amagoli amathathu ngesiwombe sokuqala ngesikhathi sibhekene neBay ngeledlule. Inkinga esibhekene nayo ukuhluleka ukuba yidwala emuva. Sihlalelwe umthwalo wokugwema ukungenelwa amagoli amaningi. Akukuhle neze lokhu lokhu. Nakuba kunjalo siwubheke ngabomvu umdlalo weSwallows," kubeka uMatlaba.
Lesi sitobha esizakhele igama kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule, sixwayise ozakwabo ukuthi bangalinge benze iphutha lokweya iZinyoni eseziphenduke ukudla kwenduku muva nje.
Ngempelasonto edlule, bezishaywa yiSuperSport United okwesithathu kulandelana.
Zisendaweni yesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-18. Emidlalweni ewu-13, zisanqobe zaphinde zadliwa kwemihlanu. Zidlale ngokulingana kwemithathu.
Okubukeka kuphazamisa leli qembu likaSteve Komphela, yimibiko elokhu ivele njalo yokuthi alibaholeli ngesikhathi abadlali. Lokhu kuholele ekutheni iqembu liye kowe-United lingakaze lijime. Kuleli sonto kuvele ukuthi sekunoqhekeko kubadlali ngoba kukhona abaholelwe ekubeni abanye bebengakayitholi imiholo yabo kaNovemba.
"Ibhubesi elilimele liyingozi ngendlela eyisimanga. Ngesifanayo nakwiSwallows. Nakuba kamuva ishaywa kodwa idlala kahle kakhulu. Siyinkinga lesi sitayela edlala ngaso sokuqala ukudlala ibhola emuva. Ukushaywa kwabo kathathu kulandelana akusho ukuthi sizodlula kalula, kuzomele sisebenze kanzima,“ kusho uMatlaba.
Ucele abalandeli babo ukuthi baphume ngobuningi ukuzobeseka.
"Kule midlalo edlule, abalandeli bethu bebehlale benathi. Nakulokhu siyacela ukuthi baphume ngobuningi babo. Kasilutho ngaphandle kwabo. Kumele kube yisiko lethu sonke ukunqoba noma kanjani uma sidlalela ekhaya," kuzicelela uMatlaba.
IRoyal AM unyaka izowuvala ngowomkhaya naMaZulu, ngoDisemba 29, eMoses Mabhida Stadium. ISwallows izovala neLamontville Golden Arrows, ekhaya, eDobsonville Stadium, ngoDisemba 30.