INJINI yeSuperSport United, uGrant Margerman, izimisele ngokuyijulukela indawo esikwatini seBafana Bafana, esizogijima emidlalweni yobungani ezosetshenziselwa ukuqoka abazoya kowe-Africa Cup of Nations (Afcon).
Ngesonto eledlule, umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uqoke isikwati sabadlali abangu-36 esisazophundlwa kusale abangu-23.
Sizozicija ngemidlalo yobungani emibili neNamibia ngoSeptemba 9, kuthi ngoSepthemba 12, sitholane neDemocratic Republic of Congo (DRC).
IBafana ilungiselela i-Afcon ezoqala ngoJanuwari 13 isongwe ngoFebhuwari 11, e-Ivory Coast, kanjalo nokuqala kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba.
UMargerman, otshele abezindaba ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi isifiso sakhe wukuthola indawo eqenjini lesizwe, akaqali ukuqokwa nguBroos kwiBafana kodwa uhlala esala ngaphandle uma sekuphundlwa isikwati.
"Kusheshile ukubizwa kwami kwiBafana ngoba isizini isanda kuqala. Kodwa ngivale isizini edlule ngidlala kahle. Ngizamile ukuqala isizini ngendlela efanayo. Nokho kuningi okusafele ngikwenze ukuphucula indlela engidlala ngayo. Sekukaningi ngibizwa kwiBafana kodwa kufanele ngilwele ukushaya into ecokeme masonto wonke ukuze ngithole indawo kule imidlalo yobungani. Uma ngilithola ithuba kufanele ngilibambe ngezandla zombili ukuze ngingene esikwatini esizoya kwi-Afcon," kuchaza uMargerman.
Ngaphandle kukaMargerman, abadlali beSupersport ababizelwe kwiBafana ngunozinti uRicardo Goss, Siyanda Xulu, no-Ime Okon obedlala eqenjini leDStv Diski Challenge (DDC) ngesizini edlule.
KuMatsatsantsa, u-Okon (18), uyibamba maphakathi emuva noThulani ‘Tyson’ Hlatshwayo, obengukaputeni weBafana ngaphambi kokufika kukaBroos.
"Selokhu edlale umdlalo wakhe wokuqala wenza kahle kakhulu. Uncela ulwazi olunzulu kuHlatshwayo nakuXulu emuva. Okuhle ngaye wukuthi mude, unamandla futhi unejubane okumenza amelane nokushesha kwabadlali abahlaselayo kwiDStv Premiership. Ngimjabulela kakhulu. Ngithemba ukuthi uzoqhubeka nokuthatha iziyalo kumqeqeshi. Kuyinto enkulu kuyena ukubizelwa kwiBafana ikakhulu njengoba engadlalanga ezikwatini zabasakhula futhi esuka kwiDDC. Okufanele akwenze wukuzithoba aqhubeka nokusebenza kanzima," kubeka uMargerman.