UMDLALI ozakhele igama emaqenjini ambalwa uLebogang “Kaka” Manyama, usenqume ukuphanyeka emgibeni amakhokho ngenxa yokulimala okungapheli.
Phakathi kwamaqembu aseke wagijima kuwona uManyama, kubalwa i-Ajax Cape, Cape Town City neKaizer Chiefs.
Izindaba zishiye abalandeli nabathandi bebhola bemangel ngoba lo mdlali usavunywa yiminyaka, esengadlala amasizini ambalwa ngaphambi kokuyeka ibhola.
UManyama ogcine ukubonakala elithinta kwiChiefs ngesizini ka-2021/22, ungomunye wabadlali abachithwe yiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini edlule ka-2022/23 ngenkathi umqeqeshi u-Arthur Zwane ethatha izintambo zokuqeqesha.
Ube esebuyela eqenjini lakhe elidala iCape Town City ngesizini edlule, nokho kuze kwaphela isizini engalithintanga ibhola ngenxa yokungalulami ekulimaleni kwakhe, osekuholele ekutheni awagaxe emgibeni eseneminyaka engu-32.
Empeleni ubejoyine iCity esevele engumuntu kadokotela ngenxa yokuhlushwa ukulimala okumqale esekwiChiefs.
Esitatimendeni sakhe asinameke kwenye yezinkundla zokuxhumana nesishiye abaningi benozwelo, uManyama uzwakalise ukuphoxeka kwakhe okukhulu ngokushesha afinyeze uhambo lwakho ebholeni elikhokhelayo.
“Namuhla wusuku olubuhlungu kakhulu kimi njengoba kufanele ngivale isahluko sokudlala ibhola empilweni yami,” kucashunwa uManyama kafushane.
UManyama udabuka e-Alexandra, eGoli, uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo kwi-Ajax Cape Town (esiyiCape Town Spurs manje) ngesizini ka-2010/11. Kwathi ngesizini ka-2016/17 esedlala kwiCape Town City wahlabana ngemiklomelo emibili, okungowePSL Footballer of the Year nowePSL Players’ Player of the Season, nokuyisizini asiza ngayo iCity inqoba iTelkom Knockout.