OWAZAKHELA igama kwiKaizer Chiefs, uLebogang Manyama uphoqwe ngodokotela ukugaxa amakhokho emgibeni.
Lezi zindaba Isolezwe lizitshelwe ngu-Alfred Maimane Phiri oyimenenja yalo mdlali oyibamba esiswini.
Uveze ukuthi kuyimanje usesezinhlungwini njengoba esanda kuphinda kuhlinzwa idolo.
UPhiri uqhube wathi odokotela baphoqeleke ukuba bamtshele ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nokudlala ibhola.
“Yaze yabuhlungu inhliziyo yami ngalo mfana. Sonke besizitshela ukuthi kuzoshaya lesi sikhathi esepholile kodwa-ke impilo injalo,” kush uPhiri obezwakala kuthi umoya wakhe uphukile
“Sisazohlala phansi sibonisane ukuthi uzoqhubeka kanjani nekusasa lakhe. Okuhle wukuthi vele ungumuntu onentshisekelo ngekusasa elihle.”
Ngesizini ka-2021/22 limhluphe kakhulu idolo uManyama.
Kuphethe ngokuthi agcine edlala imidlalo eyishumi kuphela yeDStv Premiership nowodwa weNedbank Cup.
Ukungadlali kuholele ekutheni abe sohlwini lwabadlali abakhonjwa indlela. Kweka-2022/2023 akazange alithinte nangobhozo ibhola.
Exoshwa kwiKaizer Chiefs ukuphela kwesizini ka-2021/22, uJohn Comitis, ongusihlalo weCape Town City, akakugqizanga qakala ukulimala kwakhe, uthe mfana buyela ekhaya. Uveze nokuthi uzomsiza ekumelapheni.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini ka-2016/17, uManyama esadlala kwezikaComitis, ugile izimanga enqoba umklomelo iLesley Manyathela Golden Boot, PSL Football of the Season nowe-Absa Premiership Player's Player of Season.
Leli phephandaba lithinte uJohn Comitis othe ngeke ande ngoba use-Europe.
"Mfwethu, ngeke ngikwazi ukukhuluma kahle nawe. Kodwa indaba kaLebogang ngiyizwile. Kubuhlungu kakhulu, ufana nelungu lomndeni wami. Ngizokhuluma naye uma sengifike eNingizimu Afrika," kubeka uComitis.