UMQEQESHI weChippa United, okuziphumelayo kuyena emlonyeni, uMorgan Mammila, uchaza iKaizer Chiefs njengeqembu eselidume ngomlando kuphela kodwa ngokwabadlali, ayihlukile kwabeChilli Boys.
UMammila ukusho lokhu esithangamini nabezindaba lapho ebekhuluma khona ngezinto eziningi. Ubalula kusukela emlandweni weChiefs, kuya kwabezindaba baseNingizimu Afrika, abangafuni ukumbeka endaweni yakhe ngenxa yebala lakhe.
Ukhuluma kanje ngemva kokuthi ezakhe zidlale ngokulingana neChiefs ngo 0-0 ngeSonto, emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Kuyisibusiso ukudlala neqembu elinomlando njengeChiefs futhi nendlela elilandelwa ngayo iyazikhulumela,” kusho uMammila ekhuluma ngezinkulungwane zabalandeli beChiefs, abebephume ngobuningi kulo mdlalo.
“Akukhona ukuthi ngiyakhangisa ngokwenza kahle kweChiefs eminyakeni edlule kodwa iqiniso ukuthi ngokwabadlali, siyazifanela nje uma singekho ngcono kunayo.
“Ngibatshelile abadlali bami ukuthi yigama kuphela ukuthi abadlali beChiefs ebesizodlala nabo ngoba abahluke ngalutho kithina. Ubufakazi balokhu, bukulo mdlalo oze waphela ngingazange ngiyibone iChiefs ifika ezintini zethu.
“Yebo, inomlando iChiefs kodwa kusele wona wodwa ngoba umdlalo wanamuhla ukhomba ukuthi silahle amaphuzu amabili. Bekuyithina iqembu elingcono futhi bekufanele siwaqoqe egcwele amaphuzu,” kusho uMammila.
Abezindaba babuze uMammila ngombandela abekwelwe wona ngale sizini ngoba uyaziwa umqashi wakhe uSiviwe Mpengesi, ongusihlalo weChippa, ukuthi akachithi isikhathi uma imiphumela emihle engayiboni.
Kwayena uMammila usebuya okwesibili kuleli qembu ngoba ngesizini edlule uke waxoshwa ngesikhathi esephikwa yimiphumela.
Ephendula umbuzo, ubhokele abezindaba ngezimpendulo zakhe.
“Niyathanda ukubuza izinto ezingathi shu! Ukube ngingumqeqeshi omhlophe ngabe aningibuzi lezi zinto eningibuza zona. Engingakusho ngoMpengesi ukuthi uhlukile kwabanye osihlalo bamaqembu esigaba esikhulu.
“Konke lapho ngifika khona ngigila izimanga kodwa abezindaba banendlela yokuthola okungekuhle kumbe ukugqiba lokhu engisuke ngikwenzile.
“Inkinga yethu lena eNingizimu Afrika, futhi kufanele iphele. Konke engikwenzayo ukukhombisa ingane yomuntu omnyama ukuthi, noma usemaphandleni noma uselokishini kodwa ungakwenza ngoba nangu noMammila uyakwenza, ”kuphetha lo mqeqeshi oke wasebenza nakwiMoroka Swallows (njengephini).