UMDLALI wasesiswini waMaZulu, uGeorge Maluleka, unxuse ozakwabo ukuthi bagxile ekwenzeni kahle kule midlalo esele ukuze basize iqembu liqede isizini ngenothi eliphezulu.
Usuthu lusendaweni ka-10 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-23 njengoba lusanda kuthelwa phansi yiStellenbosch FC ngo-2-0 emdlalweni walo weligi wakamuva.
NgoMgqibelo, ngo-8 ebusuku, luzobhekana neSwallows FC, eMoses Mabhida Stadium. ISwallows nayo ibhekene nomqansa wokuzihlenga ezembeni.
Izinyoni zisendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-23. Amaqembu amabili abhekene nengozi enkulu yiMarumo Gallants, esemsileni ngamaphuzu angu-20, neMaritzburg United, esendaweni ka-15 ngamaphuzu angu-21.
"Kuvunguza umoya omuhle eqenjini. Sisanda kubuka ama-video lapho besicubungula khona indlela iSwallows edlala ngayo nokuthi yini okumele siyilindele kuyo," kusho uMaluleka.
"Sizoqinisa indlela esivala ngayo emuva kodwa ozakwethu bazizwa kahle futhi nami ngizizwa kahle. Kuhlale kunzima ukuvuka ngemuva kokuhlulwa kodwa ngicabanga ukuthi sineqembu elizokwazi ukuguqula isimo.“
“Sizamile nokulungisa indlela esiqedela ngayo amathuba phambili ngoba sizenzele phansi kuleyo ndawo emidlalweni edlule.
“Usemkhulu umsebenzi okumele siwenze kodwa sisenezinsuku ezimbalwa zokulungiselela lo mdlalo, nginesiqiniseko sokuthi ngempelasonto sizobuya namaphuzu amathathu."
AmaZulu asanda kudedela umdlali wasemuva, uRamahlwe Mphahlele, nowasesiswini uKeagan Buchanan, ngenxa yokuthi abekho ezinhlelweni zomqeqeshi uRomain Folz.
NgoLwesithathu ekhuluma nabezindaba, uFolz, uveze ukuthi uLehlohonolo Majoro usasezinhlelweni zakhe, naye obekuthiwe uyashiya.
UMaluleka uthe nakuba ukuhamba kwabo kube nomthelela eqenjini kodwa okubalulekile kubadlali abasasele wukugxila emidlalweni okusamele bayidlale.
"Kwenza umehluko ukulahlekelwa ngabadlali, ozakwethu, kodwa ngicabanga ukuthi abaphathi yibona abangakwazi ukuwuphendula kangcono kakhulu lo mbuzo. Kunzima kithina ngoba bekungabantu esihlala nabo egunjini lokushintshela," kusho uMaluleka.
"Kumele sithole indlela yokukudlulisa lokhu siqhubekele phambili, sibhekane nomsebenzi osihlalele emidlalweni eyisikhombisa yokugcina, sibamele nabo.
“Isizini yethu ingugingqigongqo ngoba sihlulekile ukubamba umgqigqo isikhathi eside.
"Abalandeli bethu akufanele badikibale ngoba kule mpelasonto nakanjani sizowathola amaphuzu amathathu. Ngiyethemba ukuthi lokho kuzoletha ushintsho esiludingayo kule midlalo eyisithupha esizoyidlala ngemuva kweSwallows.”
Ngesikhathi AmaZulu neSwallows bebhekene koweDStv Premiership eDobsonville Stadium, eGoli, ngo-Agasti nyakenye, Usuthu lwanqoba ngo 3-2.