INKAKHA yeKaizer Chiefs, uFrank “Disco” Makua, ithi kube yisinqumo esiphusile ethimbeni labaqeqeshi beqembu ukuvala ngokushesha isikhala sikaCaleb Bimenyimana, ngokusayinisa umgadli waseColombia, u-Efmamjjasond Gonzalez Palacios.
UGonzalez (24), odabuka eColombia, eSouth Americ, kodwa odlale ibhola elikhokhelayo e-Argentina, naseBolivia, umenyezelwe ngoLwesine njengomgadli omusha weChiefs. Bekungakapholi maseko iqembu likhulule uBimenyimana obesadlale isizini eyodwa kuphela lena edlule kuMakhosi.
UBimenyimana odabuka eBurundi, ushiya eNaturena nje, ubesevele enyamana mbana kubalandeli beqembu, bengasayizwa eyakhe ngoba ubesekhombisa izimpawu zokuba buthuntu. Nokho ukwazile ukushaya amagoli ayisikhombisa okubalwa amaphenathi amane ngesizini edlule.
UGonzalez ujoyine iChiefs esuka kwiReal Sant Cruz, edlala kwiPrimera Division yaseBolivia. Uthwelwe ngeqoma yizingqapheli zebhola kanti ngesizini edlule ushaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni ewu-16 ayidlalile neqembu laseBolivia. Leli qembu walijoyina maphakathi nesizini edlule ngoJanuwari nonyaka, esuka kwiSan Miguel, yase-Argentina.
“Lidinga ukushayelwa ihlombe ithimba labaqeqeshi beChiefs ngokuvala ngokushesha isikhala sikaBimenyimana, lingakavalwa iwindi lokusayinisa abadlali.
“Empeleni iChiefs ibisamdinga omunye umgadli obukhali, yize inabo abagadli abanjengoSaile (Christian), Du Preez (Ashley) noChivaviro (Ranga). Yize ngingenalo ulwazi olutheni ngoGonzalez kodwa ngike ngezwa kancane ngo-Arthur (Zwane, iphini lomqeqeshi weChiefs) ukuthi ungumgadli obukhali,” kuphawula uMakua.
“UDu Preez useqalile ukukhombisa ukuthi kungathenjelwa kuye ekushayeni amagoli, kodwa uyamdinga omunye umgadli azolekelelana naye ekushayeni amagoli.
Ngesizini edlule kucacile ukuthi iChiefs iyamdinga umgadli obukhali, ngoba uBeminyimana kusheshe kwacaca ukuthi akasilo uhlobo lomdlali olidingwa yiChiefs.”
UGonzalez ungumgadli wesibili odabuka eColombia, ojoyina iChiefs, ngemuva kukaLeonardo Castro, owajoyina leli qembu ngo-2018, esuka kwiMamelodi Sundowns.
Amakhosi azotholana phezulu neTS Galaxy kusasa ngo-3 ntambama koweDStv Premiership, eMbombela Stadium, eNelspruit.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Ngo-3pm:
Polokwane City v Cape Town Spurs (Peter Mokaba Stadium)
Ngo-5.30pm:
AmaZulu FC v Richards Bay FC (Moses Mabhida Stadium)
Ngo-8pm:
Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Bay Stadium)
Kusasa:
Ngo-3pm:
TS Galaxy v Kaizer Chiefs (Mbombela Stadium).