INDODANA kasomabhizinisi wodumo wesithembu, uMusa Mseleku, uMpumelelo isiveze ukuthi ayinandaba nokugxekwa ekubona njalo ezinkundleni zokuxhumana ngesifiso sayo sokuthatha isithembu.
UMpumelelo ube undabamlonyeni muva nje, ohlelweni Izingane Zesithembu la kugqashuke khona igoda phakathi kukanina wezingane zakhe ezimbili, uVuyokazi Nciweni.
UMpumelelo ekhuluma neSolezwe, uthe akasafuni ukukhuluma ngodaba oluthinta yena noVuyokazi njengoba kuba nomsindo uma eke waphawula ngaye.
Uthe usekhethe ukuthi adlule kulolu daba futhi uzimisele ukuthola izintokazi eziyisikhombisa azoshada nazo.
“Abantu bayohlala bekhuluma abakuthandayo ngami kodwa mina angithinteki ngalokho. Ngizoqhubeka nokufezekisa iphupho lami lokuba nesithembu njengoba ngikhulele emzini omkhulu nami ngifuna lokho. Ngikhule emzini ongemncane, ngikhule ngikakwe omama nezingane zakwethu, nami ngifuna ukuba nomndeni onjalo. Ngingakubeka kucace ukuthi akekho owesifazane engifuna ukudlala ngaye, bonke engihlangana nabo ngifuna ukwakha imizi nabo kodwa izinto uma zingahambi ngendlela kula kugqashuka khona igoda,” kusho uMpumelelo.
Uthe njengoba izinhlelo zemindeni yabo ziqhubeka zibonakala kwithelevishini, kukhona la kuzovela khona ethatha elinye igxathu ngempilo yakhe nabesifazane abambisene nabo kwezothando.
“Ngeke ngande ukuthi kuzokwenzakalani kodwa abantu kukhona okusha ngempilo yami abazokubona. Okunye okumele bakuqonde ukuthi ngalokhu okuvelayo ngami akukona ukuthi ngiyadlala noma ngifuna ukubukwa, kodwa ngenza into ethinta mina njengomuntu wabantu abadala nowakha impilo yakhe ngendlela afuna ngayo,” usho kanje.
Uthe yize eseyingane engaphansi kwabazali kodwa useyasebenza njengoba enezinkampani ezihlukene okukhona kuzo ezonogada nenye eyenza opulasitiki abaphatha amanzi nasemculweni uthe khona akwenzayo.
Uveze ukuthi umama wakhe, uMaYeni, ngomunye wabantu abamqondisayo uma ebheka eceleni futhi uyamkhombisa ukuthi abantu besifazane abaphathe kanjani.