UJOSEPH "Dukuduku" Makhanya, oqeqesha i-Orlando Pirates esigabeni seDStv Diski Challenge, ukholwa wukuthi ukuwina imidlalo bephindelela kuzobakhela ugazi kuJose Reviero, opheka eleDStv Premiership.
IPirates isendaweni yesibili kwi-log yeDiski ngamaphuzu angu-33 emuva kweCape Town City eseqhulwini ngo-36, emidlalweni engu-16.
Ngesizini edlule eZimnyama zihlulekile ukuwina iligi phezu kokuqhwakela isikhathi eside kubhoke uBoitumelo Radiopane, odle umkomelo wamagoli nowomdlali ovelele kwiDiski.
Bekulindeleke ukuthi abonakale esikimini esikhulu kule sizini kodwa uRaqiopane ubolekiswe kwiCape Town Spurs, edlala kwiMotsepe Foundation Championship. Lokho akwehlanga kahle kwabaningi.
Baningi abadlali bePirates abashaye into ecokeme kwiDiski eminyakeni edlule kodwa kabanganyuselwa esikimini esikhulu, kwagcina kuphelile ngabo.
"Uma ungumqeqeshi wesikimu esikhulu sePirates lokho kusho ukuthi unakekela zonke izinhlaka. Kufanele wazi ukuthi kwenzekani kuzo,“ kusho uMakhanya.
"Uma siqhubeka siwina lokho kuthumela umyalezo kuye (uReviero). Kufanele aqale ukuza ezansi azobheka abanye abadlali. Akukho okubi ngokuba nabadlali abangu-35, kuthi abayisihlanu kube ngabaqhamuka ezinhlakeni zokuthuthukisa ikhono.
“Kwenza omkhulu umehluko futhi kukhulisa ithemba nakithina singabaqeqeshi abasakhula. Uma ubona umdlali wakho esigabeni esikhulu, lokho kusho ukuthi uwenze kahle umsebenzi wakho.”
Ukhuluma kanjena nje uMakhanya, amaqembu ahlukene kwiPremiership avuna izithelo zokunikeza abadlali abasuka kwiDiski, ithuba.
Ogqame kakhulu ngesizini nguCassius Mailula weMamelodi Sundowns, oseshaye amagoli ayisikhombisa kwiPremiership ngesizini yakhe yokuqala kulesi sigaba.
I-Kaizer Chiefs inyuse abadlali abayisithupha okubalwa ukaputeni uMduduzi Shabalala, ongene khaxa esikimini esikhulu esiqeqeshwa ngu-Arthur Zwane.
"Ngithemba ukuthi sizoyilungisa indlela yokuxhumana nomqeqeshi wesikimu esikhulu, kuvuleleke abadlali bethu bangene esikimini sakhe. Nami ngiqale kuzona izinhlaka zePirates. Ngesinye isikhathi kudingeka isibindi kumqeqeshi. Akukho okubi ngokuthatha abafana ababili ubanike imizuzu engu-15 kuya kwengu-20 ngoba yilokho ukuthuthukisa abadlali.
“Yebo, sifuna ukuwina kodwa ukukhulisa abadlali yilapho benyukela esikimini esikhulu bagcine sebeyiqala imidlalo. Sikubonile kwenzeka kwamanye amaqembu,” kuphawula uMakhanya.
EZimnyama azikaze ziwine lutho kwiDiski selokhu yasungulwa ngo-2014. NgoMgqibelo zizovakashela i-TS Galaxy eTsakane Stadium ngo-12 emini.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge
NgoMgqibelo
Golden Arrows v Cape Town City (Sugar Ray Xulu Stadium, 10am)
Kaizer Chiefs v Maritzburg United (Dobsonville Stadium, 10am)
Marumo Gallants v AmaZulu (Old Peter Mokaba Stadium, 10am)
TS Galaxy v Orlando Pirates (Tsakane Stadium, 12pm)
SuperSport United v Richards Bay (Lucas Moripe Stadium, 10am).
NgeSonto
Mamelodi Sundowns v Chippa United (Lucas Moripe Stadium, 10am)
Sekhukhune United v Royal AM (Tsakane Stadium, 10am)
Stellenbosch v Swallows (Idas Valley Sports Complex, 12pm).