UMDLALI wasesiswini we-Orlando Pirates, uFortune Makaringe, ofike kuleli qembu ethwelwe ngeqoma kumasizini edlule kwazise ubelihlikihla kuchwaze inkundla esadlala kwiMaritzburg United, uyaphikisana nalaba ababona sengathi akasafani naphambilini futhi akasakwenzi lokhu okuyikhona okuhehe iBucs kuyena.
UMakaringe (29) ufike kwiPirates ngoJuni ka-2019 esuka kwiTeam of Choice abengomunye wabadlali bayo abayisibani esiqhakazile.
Kunesikhathi lapho iMaritzburg ike yahlala cishe amasizini amathathu ingehlulwa uma idlalela eHarry Gwala Stadium, eMphithi, uma kuwuLwesihlanu ebusuku.
Ngaleso sikhathi uMakaringe ubengomunye wabadlali abenza abalandeli batheleke ngezinkani kule nkundla kwazise ubeshaya lo mjiko okuthiwa unenkosi phakathi kodwa owakhe uhluke ngokuthi wakhela leli qembu amathuba okuhlohla amagoli.
Ngenxa yalezo zimanga, lo mdlali okhulele ezinkulisa zeSwallows FC uthathe iso labePirates.
“Ibhola alishintshi! Kukhona lapho bengidlala khona phambili manje sengisendaweni ehlukile ngakho-ke ngeke ngikuphike ukuthi akusafani kodwa ukuthi sengehlile, angikuvumi lokho,” kusho uMakaringe ekhuluma ehambele umcimbi wakwa-Adidas eThekwini, muva nje.
“Okubhekwe kimina la ngikhona manje kuhluke kakhulu kunalokhu obekuyikho eqenjini lami elidlule ngakho-ke mhlawumbe omunye umuntu angakubuka lokho ngokuthi sengehlile kumbe sengilehlisile izinga.
“Ebholeni ukhula ngokubhekana nezinselelo ezintsha ngakho-ke ngineme futhi akukho engikhala ngakho ngendlela okwenzeka ngayo kimina kwiPirates,” kuqhuba yena.
“Kungenzeka ukuthi omunye umuntu ubona sengathi angisazishayi izitayela kanti lokhu kukhombisa ukukhula kimina.
“Indlela okudlalwa ngayo kwiPirates ayifani nakwiMaritzburg ngoba kubhekwe izinkomishi kwiBucs kanti kwiTeam of Choice, besidlalela ukuvika ukugencwa izembe nokuwina okungenani inkomishi eyodwa.
“Kufanele bakwamukele abantu ukuthi izinto ngeke zifane emaqenjini ahlukene. Ngizibona sengivuthwe ngokwanele kule minyaka ecela kwemine esengiyihlale kwiPirates.
“Sengikwazi ukudlala yonke indawo engidingeka kuyo manje kanti phambilini bekunezindawo ezimbalwa kuphela ebengikwazi ukuzidlala.
“Ngiyazi ibhola wumdlalo wemibono kodwa kwesinye isikhathi kungakuhle ukubheka wonke amacala kuqala ngaphambi kokukhomba umdlali ngokuthi usehlile kumbe usehlisile endleleni wena omazi ngayo,” kuphetha uMakaringe.
UMakaringe udlalele iMaritzburg amahlandla angu-69 kwiligi, wayishayela amagoli amahlanu. Kule sizini kwiPirates usedlale kweyisishiyagalombili, wakhela uzakwabo igoli elilodwa.