INHLOKO yabaqeqeshi kwiRoyal AM, uJohn Maduka, ibalisa ngokubhekana nolaka lwe-Orlando Pirates ngaphandle kwelinye lamasosha ayo ewathembayo elisesibhedlela, uZukile Mkhize.
UMkhize walimala ekhanda ekhanda ngesikhathi bebhekene neLamontville Golden Arrows ngempelasonto edlule.
UMaduka ubalise ngokungabibikho kukaMkhize ngesikhathi ekhuluma nethimba leThwihli Thwahla labezindaba ngaphambi kokwamukela iPirates emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ngo-3 ntambama, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
UMkhize okunguyena owugwaze ekhaya umkhonto iRoyal AM icazelana ngamaphuzu ne-Arrows ngo 1-1 ngempelasonto edlule, akawuqedanga umdlalo kulandela ukushayeka kwakhe ekhanda kade ebanga ibhola emoyeni nesitobha saBafana Bes’thende esiwombeni sokuqala.
Uphuthunyiswe esibhedlela kwazise ubeshayeke ekhanda njengoba kuvela ukuthi akakalulami.
UMaduka akazange nokho athande ukwanda ngokulimala kukaMkhize ngaphandle kokugcizelela ukuthi ufisa ngabe ukhona lo mdlali.
IPirates iyavutha kulezi zinsuku emjahweni wayo wokuqeda isizini endaweni yesibili okuhamba nalokhu okuyikhona akufuna kakhulu umqeqeshi wayo, uJose Riveiro, ukudlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
“Nakuba siqonda ukuthi ngeke kubelula kodwa sikulungele ukubhekana nePirates edlala kahle kulezi zinsuku futhi asikungabazi ukuthi singawuthola umphumela oncomekayo uma singazinikela sonke ngendlela efanele,” kusho uMaduka.
“Sidlalela ekhaya ngakho-ke siphoqelekile ukuba sisilwele isithunzi sethu. Kuyasiphoqa lokhu ngoba sibhekene neqembu elivuthayo kulezi zinsuku futhi okufanele uhlale uqaphile ngaso sonke isikhathi uma ubhekene nalo.
“Ngaphandle kokukulinda ukuthi wenze amaphutha iPirates iyakuphoqa ukuthi udlale ngendlela yona efuna ngayo okuyingozi-ke nokho ngoba ivele idlondlobale kakhulu uma ungena kulolo gibe,” kuqhuba yena.
Iyamsokolisa indaba yokuthi uMkhize ngeke awudlale lo mdlalo ekubeni ewuhlobo lwabadlali olunamandla okumelana nolaka lwePirates.
“Kuyaphoxa ukuthi ngeke awudlale lo mdlalo uMkhize kanti ilona hlobo lwemidlalo akhelwe lona ngoba akagcini ngokuba umdlali okhaliphile kodwa uyalilwela ibheji leqembu lakhe.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuwunqobela yena umdlalo ngoba siyazi ukuthi unathi ngenhliziyo yize esesibhedlela,” kuphetha uMaduka.