XOLILE MPISANE
UTHOLE indawo eqenjini lesizwe iBafana Bafana, umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, kulandela ukushaya kwakhe amagoli imidlalo emibili ilandelana.
UMabasa (24) obuya ekulimaleni, ushaye igoli lokuwina amaBhakhaniya eguqisa iSwallows ngo-1-0 waphinda wathola elokulinganisa ngoMgqibelo behlula iChippa United ngo-3-1.
Namuhla umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukhiphe isikwati sabadlali abangu-34 azokhetha kusona iqembu lokugcina elizobhekana ne-Ethiopia kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022.
IBafana iqhwakele kuGroup G ngamaphuzu amane, idlale ngokulingana ngo-0-0 neZimbabwe, yase ihlula iGhana ngo-1-0 ekuqaleni kwenyanga.
Izobhekana ne-Ethiopia ekuhambeni ngo-Okthoba 9, iphinde itholane nayo phezulu eFNB Stadium, ngo-Okthoba 12.
UBroos uzokhetha iqembu lokugcina labadlali abangu-23 ngoMgqibelo emini.
Isikwati esikhulu seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams (SuperSport United); Veli Mothwa (AmaZulu) Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs) noSifiso Mlungwana (Golden Arrows)
Izitobha: Nyiko Mobbie (Sekhukhune United); Thapelo Morena (Mamelodi Sundowns); Njabulo Blom (Kaizer Chiefs); Terrence Mashego (Cape Town City); Sifiso Hlanti (Kaizer Chiefs); Vusi Sibiya (Baroka); Rushine De Reuck (Mamelodi Sundowns); Siyanda Xulu (Hapoel Tel Aviv); Thibang Phete (Belenenses); Njabulo Ngcobo (Kaizer Chiefs); Mosa Lebusa (Mamelodi Sundowns); Luke Fleurs (SuperSport United), noTercious Malepe (AmaZulu)
Abasesiswini: Thabani Zuke (Golden Arrows); Mothobi Mvala (Mamelodi Sundowns); Sphephelo Sithole (Belenenses); Yusuf Maart (Sekhukhune United); Teboho Mokoena (SuperSport United); Goodman Mosele (Orlando Pirates); Ethan Brooks (TS Galaxy), noJesse Donn (SuperSport United)
Abagadli: Thabiso Kutumela (Mamelodi Sundowns); Bongokuhle Hlongwane (Maritzburg United); Evidence Makgopa (Baroka FC); Victor Letsoalo (Royal AM); Luther Singh (FC Copenhagen); Percy Tau (Al Ahly); Vincent Pule (Orlando Pirates); Mduduzi Mdantsane (Cape Town City) noTshegofatso Mabasa (Orlando Pirates)