UKUPHATHWA yisifo sikashukela akukubeki engcupheni yokuphazamiseka kwenhliziyo nezinso kuphela kepha kungadala nokuthi ube nenkinga ezinyaweni zakho, okungenza ube sengcupheni yokugcina ungasakwazi ukuhamba.
Isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health inikezela ngamathiphu ayisithupha okusiza abantu abaphethwe yisifo sikashukela ukugcina izinyawo zabo ziphephile futhi zinempilo kuleli hlobo.
Izinkinga ezenzeka ezinyaweni ngenxa yesifo sikashukela:
– Izinkinga ezimbili ezihlupha abantu abaphethwe yisifo sikashukela yi-pheripheral disease ne-neuropathy, okusho ukungagijimi kwegazi emzimbeni womuntu ngendlela efanele, okungadala ubuhlungu ezandleni nasezinyaweni.
Amathiphu ongawasebenzisa ukunakekela izinyawo zakho:
– Nakuba izindlela zokunakekela izinyawo zifana unyaka wonke kodwa amanye amathiphu aba semqoka ikakhulu ehlobo, lapho abantu besebenzisa khona isikhathi esiningi besezindaweni eziphandle.
Hlanza, womise izinyawo zakho njalo ngosuku:
– Ukusebenzisa insipho namanzi afudumele ukuhlanza izinyawo zakho kungasiza ukuzigcina zihlanzekile. Uma usuzihlanzile, zomise kodwa ungazihlikihli, wenze isiqiniseko sokuthi zizomela ngokwazo. Uma usuzihlanzile, zigcobise ngomuthi wokugcoba ukugwema ukuthi zome noma.
Zibhekisise njalo ngosuku:
– Naka izinyawo zakho ngokuthi uzibhekisise njalo ngaphansi nangaphezulu nsuku zonke. Lokho kusiza ukwazi ukusheshe ubone uma ziqhekeka, ziba neminkenke noma zivuvukala.
Nakekela izinzipho zezinyawo zakho:
– Gunda kahle izinzipho zakho ngomshini wokuzigunda noma. Ekwenzeni kwakho lokho, qaphela ukuthi ukungazisiki isikhumba esihlanganisa izinzipho zakho nonyawo.
Vikela izinyawo zakho uma uzivocavoca:
– Kusemqoka ukuzivocavoca ukugcina igazi lakho ligijima ngendlela efanele emithanjeni yegazi. Zijwayeze ukuphuma, uhambe ugqoke izicathulo ezikukhululayo ezinyaweni. Ungaxhumana nodokotela wakho ukuqonda ngalokho.
Hlala ugqoke izicathulo:
– Yize isimo sezulu sasehlobo singenza ufise ukuhamba ngezinyawo, kodwa izinyawo zakho ziyakudinga ukuvikelela okwenziwa yizicathulo. Gwema ukugqoka izicathulo eziphakeme nezizokwenza uhambe ucokeme, nalezo ezizokwenza izinzwane zakho zihlale ngaphandle. Ungaxhumana nodokotela wakho ukuthi akucebise kabanzi ngalokhu.
Zama ukugqoka amasokisi alungele abantu abaphethwe wushukela:
Ukushintshanisa amasokisi usuku nosuku kuyasiza ukuvikela izinyawo zakho. Nokho ekwenzeni kwakho lokho, gwema uhlobo lwamasokisi awugqinsi nakumpintshayo. Uma ufuna ukubeka phambili impilo yezinyawo zakho, ungazama namasokisi akhandelwe abantu abaphethwe yisiso sikashukela.