Amaqembu amabili aKwaZulu-Natal adlala kwiMotsepe Foundation Championship, iMilford neDurban City, azibekisele indawo kwi-Last 32 yeNedbank Cup ngokunqoba imidlalo yokuhlunga yalesi sigaba.
IMilford, ehlezi esicongweni se-log yeChampionship, idlule kwi-Upington City ngo 2-0 wamagoli kaThobela Sikhakhane noTshepo Liphoko eDicky Jacobs Stadium, e-Upington, ngoLwesibili. ICity yehlule omakoti beChampionship, iHighbury, ngo 1-0 wegoli lika-Athini Jobodwana eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu ntambama.
Amanye amaqembu eChampionship adlulele kwi-Last 32 yeNedbank yiBaroka FC, Venda FC, Kruger United, Hungry Lions, Pretoria Callies neCape Town Spurs.
La maqembu azohlanganiswa nayisishiyagalombili aqhamuka ezifundeni zeSafa, nangu-16 ayibamba kwiBetway Premiership, aqhathwe kwi-Last 32.
Ukungena kweMilford kwi-Last 32 akubuzwa ukuthi kuzokhumbuza abaningi okwenzeke ngesizini edlule ngesikhathi ikhipha iKaizer Chiefs kumaphenathi kusona lesi sigaba somqhudelwano. Emuva kokuzakhela igama, iStallions igcine ikhishwe yiStellenbosch.
ISpurs, egawulwe yizembe kwiPremiership ekupheleni kwesizini edlule futhi ebhinjelwa yizinto selokhu kuqale isizini kwiChampionship, ivuke ngeBlack Leopards iyiguqisa ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obuphele zibambene ngo 0-0, eThoyandou Stadium, eVenda.
Isiyonke imiphumela yeMotsepe Foundation Championship yokuhlungela iNedbank Cup Last 32:
Upington City 0-2 Milford; Casric Stars 0-2 Baroka; JDR Stars 1-4 Venda; Orbit College 0-1 Kruger United; University of Pretoria 0-1 Hungry Lions; Durban City 1-0 Highbury FC; Black Leopards 1-4 Cape Town Spurs (kumaphenathi); Leruma United 0-1 Pretoria Callies