IMIDLALO yanamuhla yeDStv Premiership kungenzeka ikhiphe isithombe esingcono mayelana nokuthi yiliphi iqembe elizogawulwa yizembe, nalawo azozama ukugwema ukungena emidlalweni yokuhlunga.
Obucayi kakhulu ngozobe uphakathi kweCape Town Spurs neRichards Bay, ozobe use-Athlone Stadium, eKapa, ngo-7.30 ebusuku.
ISpurs iyona esemsileni kwi-log ngamaphuzu angu-12 emidlalweni engu-24. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiBay, enamaphuzu angu-20 emidlalweni elinganayo.
Iqembu lika-Ernst Middendorp liwuqale kahle unyaka, liqoqa amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine. Kuyona linqobe emibili, ladlala ngokulingana kwemibili, lahlulwa kanye.
Inqola ikhumuke amasondo kusukela lapho njengoba linqotshwe emidlalweni emine ilandelana. Kowakamuva liguqiswe yiSekhukhune United ngo 1-0.
I-Natal Rich Boyz yona iwuqale kabi unyaka kodwa izongena kulo mdlalo wanamuhla ihambela phezulu kwazise isinqobe emibili yeligi ilandelana, ishaya iMoroka Swallows neKaizer Chiefs.
Umqeqeshi weBay, uVusumuzi Vilakazi, uthe bonke abadlali bayabuqonda ubumqoka bomdlalo wabo neSpurs kodwa futhi bayazi ukuthi leli qembu laseKapa lizofika nenhloso yokubaqumba phansi ukuze ligcine amathuba okuhlala esigabeni esiphezulu.
“Umdlalo ngeke ube lula neze. Akukaze kube lula ukudlalela eKapa kodwa sibheke ukuqhubeka nomgqigqo wethu omuhle. Kuzosisiza ukuthi izinga lokuzethemba liphezulu eqenjini lethu ngenxa yokunqoba imidlalo emibili, bona sebedliwe kwemine ilandelana,” kusho uVilakazi.
Umdlalo wokuqala weligi phakathi kwala maqembu wanqotshwa yiBay ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngoNovemba nyakenye.
Komunye umdlalo wakusasa iTS Galaxy izodudulana neMoroka Swallows eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngo-7.30 ebusuku.
Kulo mdlalo iqembu elisasengcupheni yokudonseleka emidlalweni yokuhlunga yiSwallows enamaphuzu angu-26. Lokhu kuchaza ukuthi ingaphambili ngamaphuzu ayisithupha kwiBay, okuyigebe elingavaleka kule midlalo eyisithupha esele uma iziNyoni zilahla amaphuzu.
EzikaMusa Nyatama zidlale ngokulingana kabili, zahlulwa kanye emidlalweni emithathu yakamuva yeligi. Kowokugcina zibambane ngo 2-2 neMamelodi Sundowns.
Lo mqeqeshi ulindele ukuthi abadlali bakhe bawanyuse amasokisi emidlalweni ezayo.
“Kunzima ngoba wonke amaqembu asezansi alwela ukuvelela. Sisalelwe yimidlalo eyisithupha kodwa esihlale sikucela kubadlali wukuthi bangalehlisi izinga. Ngeke sikwazi ukwehlisa umfutho emdlalweni wethu neTS Galaxy, sidinga ukwenza ngcono kunalokhu esikwenze sibhekene neSundowns,” kusho uNyatama.
ISwallows yayiqumba phansi ngo 1-0 iRockets ngesikhathi la maqembu ebhekene koweligi ngoNovemba nyakenye.