KUNOMUZWA wokuphambana kwemibono kubalandeli beMamelodi Sundowns ngokusayinisa kwayo obengaconsi phansi kubalandeli be-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, obesehlale amasizini ayisikhombisa kuleli qembu laseSoweto.
ULorch umenyezelwe njengomdlali omusha weSundowns ngosuku lokugcina lwePremier Soccer League (PSL) lwewindi lokushintshana ngabadlali kulandela ukuvumelana phakathi kwala maqembu ayIzimbangi kwiDStv Premiership.
Lo mdlali oneminyaka engu-30, ulandela ezinyathelweni zabadlali esingabala kubona, oGift Leremi, ongasekho, Lebohang “Cheeseboy” Mokoena, Teko Modise, no-Oupa “Ace” Manyisa, bonke abashiye kweZimnyama bengaconsi phansi. UBennedict “Tso” Vilakazi noMbulelo “OJ” Mabizela, abazakhele igama kweZimnyama, bajoyine iSundowns sebephuma phesheya.
Bonke laba badlali abasuke kwiBucs bajoyina iSundowns bafike baba nesandla ekuqhubekeni kwempumelelo yeDowns yize iningi labo lingazange lifinyelele lapho bekubhekwe khona.
Bonke, ngaphandle kukaLeremi owashona, bagcina ngokushiya futhi kwiSundowns bayoqhubeka kwamanye amaqembu.
Yize kusobala ukuthi abathandi bePirates ibazwisa ubuhlungu indaba yokuhamba kukaLorch, ngasohlangothini lwabeSundowns, kunenhlese yomuzwa wokuthi babona ukuthi ubengadingeki uLorch.
“Ukuthenga uLorch ngenhloso yokuthi azodlala esikimini esisodwa noThemba (Zwane), yizimpawu zomona kwakukhulunywa ngawo eBhayibhelini,” ubhale kanje, uGustavo Ninela ozichaze njengoweSundowns ekhasini lakhe lika-X.
“Ijezi leSundowns alimfaneli kodwa-ke sizothini ngoba singabalandeli kuphela,” kubhala u-@-keRatu ku-X wakhe kwathi, u@Lee Mahlako, wabhala ukuthi “Siyakwamukela ekhaya lakho elisha.”
Kwenzeka konke lokhu nje, uLorch, ubonge wanconcoza kusihlalo weZimnyama, u-Irvin Khoza, ngokumtakula kaningi kunzima ezinkingeni abebhekana nazo eminyakeni edlule.
ULorch ukhiphe esakhe isitatimende ngempelasonto ebonga ephinda evalelisa kwabesebenza nabo kwiPirates.
Kulesi sitatimende ubonge kakhulu kuKhoza ngokumeseka nangezikhathi zimnetha ngaphandle kwenkundla.
Lo mdlali uke wahamba icala lokushaya owesifazane laze lagcina ngokumgweba.
Njengoba bekulindelekile, kube nemvunge kwabalandela iBucs ngalokhu kwazise uLorch ubengaconsi phansi kubona. Lokhu kufakazelwe yizindodla zemali aziqoqe ngesikhathi bemvotela njengomdlali ovelele ngisho ecwilile emidlalweni iCarling Knockout Cup. Kulo mqhudelwano, umdlali ovelele ubethola isheke lika-R100 000.
Kwabebekhala ngakho ezinkundleni zokuxhumana, kugqame ukuthi uLorch ubashiya nje, akayi kude kodwa uyoqinisa izitha zePirates ezivele zizenzele esicocweni seDStv Premiership.