UKUHLEHLA kwemidlalo yeDStv Premiership ngenxa yeBafana Bafana kungase kuqondanise uThembinkosi Lorch, osanda kusayina kwiMamelodi Sundowns, neqembu alishiye isigubhukane i-Orlando Pirates emdlalweni wakhe wokuqala efikile eChloorkop.
ULorch osayine kwiSundowns njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali, bekulindeleke ukuthi abonakale okokuqala emdlalweni obekufanele ube kusasa neLamontville Golden Arrows eMpumalanga Stadium.
Lokhu ngeke kusenzeka kulandela ukuhlehlisa kwePremier Soccer League (PSL) yonke imidlalo obekufanele idlalwe maphakathi nesonto.
Lokhu iPSL ikumemezele ngesitatimende esikhiphe ngeSonto ntambama. Isizathu salokhu kuthiwe yingoba imidlalo ibizoshayisana nokubuya kweBafana ethuse abaningi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast.
IBafana elale isithathu ngokunqoba emaphenathini kwiDemocratic Republic of Congo (DRC) kowombango wendondo yethusi, izoze itheleke kuleli kusasa ngo-4 entathakusa.
Kuthe uma iPSL ihlanganisa lokhu nokuthi bekumele kube nemidlalo namuhla nakusasa yanquma ukuyihlehlisela isikhathi esisazomenyezelwa imidlalo yeligi eyisishiyagalombili obekumele igijinywe ezinkundleni ezahlukene.
“Emuva kokuthola ukuthi iBafana izobuya ngoLwesithathu ohambweni lwayo olube impumelelo kwi-Afcon sibone kungcono ukuba siyihlehlise imidlalo yeligi obekumele ibe maphakathi nesonto,” besibhalwe kanje isitatimende sePSL sijobelela ngokuthi izinsuku okuzodlalwa ngayo le midlalo zizomenyezelwa ngesikhathi esifanele.
Lesi simo sesiqondanise ukuthi uLorch abe sethubeni lokubonakala okokuqala edlubhe umfaniswano weSundowns ebhekene neqembu namanje okusakhalwa ngokuthi ulishiyile.
Lo mdlali oneminyaka engu-30, ubengaconsi phansi kubalandeli bePirates ayidlalele iminyaka ecela kwengu-10 njengoba sekunethuba lokuthi abe seqenjini elibaphuca amaphuzu ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku eLoftus Versveld.
ULorch ubegqamile ekhempini yeSundowns yakamuva okwenza alindeleke ikakhulukazi njengoba iSundowns inabadlali abacela ku-10 abebehambe neBafana.
Umlando phakathi komqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena nePirates ukhomba ukuthi kungalindeleka ukuthi akujabulele ukudedela uLorch kulo mdlalo ngoba lokhu kuzokhulumisa.
ISundowns iqhwakele ngamaphuzu angu-38 emidlalweni yeligi engu-14 kanti iPirates isendaweni yesihlanu ngawu-25 kweyeligi engu-16.
Ngaphandle kokubhekwa kukaLorch, esinye isinongo salo mdlalo wukuthi bazobuya besesimweni esikahle sokudlala yini abagadli bePirates, o-Evidence Makgopa noZakhele Lepasa.
Ngaphambi kwe-Afcon, uMakgopa bekubukeka kungelakhe ijezi emlandela eduze uLepasa. Kungenzeka lo mdlalo uvule ithuba kubagadli abafana noTshegofatso Mabasa, obuyiswe ekubolekisweni kwiMoroka Swallows noKermit Erasmus, osekusesikhathi engabonakali esikimini sikaJose Riveiro opheka iBucs.