YIZE besha amashushu ngokuyodlana imilala neqembu leCarling All Stars emdlalweni weCarling Black Label Cup kodwa unozinti weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze, akakufihli ukuthi abazowudlala ne-Orlando Pirates wokusonga unyaka yiwona abawubheke ngabomvu.
IMagesi engompetha beCarling Knockout izotholana phezulu neCarling All Stars e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-3.30 ntambama.
Iqembu le-All Stars libunjwe ngabadlali bamaqembu eBetway Premiership naweDStv Diski Challenge abavotelwe ngabalandeli bebhola baseNingizimu Afrika. Ngemuva komdlalo weBlack Label Cup, iMagesi izovala unyaka ngokududulana nePirates emdlaweni wePremiership ngoDisemba 29, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Lo mdlalo esiyowudlala ne-All Stars siwulangazelele futhi siwuthatha njengobalulekile njengoba siyobhekana neqembu labadlali abasezingeni eliphezulu abakhethwe abalandeli. Ngakho asiwuthathi kancane, kufanele sikhombise ukuthi singompetha beCarling Knockout abangayiwinanga ngephutha le ndebe,” kusho uChipezeze.
“Noma kunjalo kodwa emiqondweni yethu sikuqonda kahle ukubaluleka kokuthi senze kahle emidlalweni yethu elandelayo yeBetway Premiership esisazoyidlala. Iqiniso wukuthi ebholeni ikhona imidlalo ebaluleke kakhulu ukudlula eminye. Yingakho-ke umdlalo wethu wangoDisemba 29 esiyowudlala nePirates, siwuthatha njengobaluleke kakhulu ukwedlula oweBlack Label Cup esiyowudlala ngoMgqibelo (kusasa).”
Kusukela inqobe isicoco seCarling Knockout ngokuguqisa iMamelodi Sundowns kowamanqamu ngoNovemba 23, kubhimba uhlelo kwiMagesi. Isishaywe emidlalweni emithathu ilandelana yePremiership. Lokhu kuyehlisele emsileni we-log yePremiership lapho ihleli khona ngamaphuzu ayisithupha emuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye.
“Kuhlale kunzima kunanoma yiliphi iqembu elisuke liqeda kuwina indebe yomkhumulajezi emidlalweni elandelayo yeligi alivamile ukwenza kahle. Lokhu akuqali futhi akugcini ngathi. Kule midlalo emithathu esesishaywe kuyona siwabonile amaphutha ethu futhi sisebenza kanzima ukuwalungisa. Iqiniso wukuthi isikwati sethu asikho banzi ngokwanele, siyadinga ukuthola abanye abadlali abazosilekelela nengikholwa wukuthi ngewindi likaJanuwari, ithimba lethu labaqeqeshi lizositholela bona.
“Siyazi ukuthi kuzoba nzima ngomzuliswano wesibili wesizini, yingakho kuzobaluleka ukuthi kule midlalo eyisithupha esisalele ngaphambi kokuqeda umzuliswano wokuqala sibuye namaphuzu. Lona ithuba sisenalo, ngakho asiyicabangi nhlobo nje eyezembe, ngoba siyabazi ubunzima besigaba seMotsepe Championship esibuya kusona.”