UNETHEMBA lokuthi ukujoyina AmaZulu FC kuzomenza abuyele ekubeni ngomunye wabagadli abahamba phambili kuleli, uVictor Letsoalo.
Lo mdlali ujoyine Usuthu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24 ngemuva kokuthi adlale isizini eyodwa kwiSekhukhune United.
Ngesikhathi ekwiBabina Noko ushaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-32 kuyona yonke imiqhudelwano.
Leso sibalo besehle kakhulu uma siqhathaniswa namagoli angu-15 awahlohla ngesizini ka-2021/22 egijima kwiRoyal AM, okwaholela ekutheni agcine efunwa uthuli yiKaizer Chiefs namanye amaqembu.
ULetsoalo (30) usedlale kanye kuMaZulu kule sizini. Uwuqalile umdlalo wakhishwa ngomzuzu ka-71 bebambana ngo 0-0 neSuperSport United kowakamuva.
Ukholwa wukuthi izinto zizoba ngcono uma esejwayele ukudlala nozakwabo abasha nangaphansi komqeqeshi omusha, uPablo Franco Martin.
"Kuyangijabulisa ukuba yingxenye yaMaZulu. Selokhu ngifikile ngizizwa ngisekhaya futhi nomqeqeshi ungamukele kahle. Ungitshele ukuthi kumele ngikhuphule ukuzethemba kwami ukuze ngithole amagoli. Kumele ngiqale ngiwashaye uma sizilolonga bese ngenza okufanayo nasemidlalweni,” kusho uLetsoalo ekhuluma nabezindaba ejimini yaMaZulu izolo.
“Isizini isanda kuqala, ngisadlale kanye neqembu kodwa uma ngibheka ozakwethu engidlala nabo, ngicabanga ukuthi uma sesijwayele ukudlala ndawonye azozizela amagoli. Ngiyethemba ukuthi ngizofinyelela kulesi sibalo samagoli esiphezulu kunazo zonke engake ngafinyelela kuzona.
Yize ayesetshenziswa njengomholi wabagadli kwiThwihli Thwahla, lo mdlali owake wagijima kwiBloemfontein Celtic, ubeqhamuka kakhulu ngasezinhlangothini kwiSekhukhune njengoba umqeqeshi uBrandon Truter ebencamela ukusebenzisa uChibuike Ohizu maphakathi phambili.
Emdlalweni wakhe wokuqala naMaZulu, uLetsoalo ubeyibambe phambili no-Augustine Kwem. Nakuba ethanda ukuba ngumgadli ophambili, uthe uzimisele ukudlala noma yikuphi lapho edingeka khona.
“Ngikulungele ukudlala kunoma iyiphi indawo, inqobo nje uma ngidlala phambili. Umqeqeshi ungenze ngazethemba uma ethi ngingajahi, umgqigqo uzobuya kancane kancane. Ngiyethemba ukuthi kuzosheshe kulunge futhi sizonqoba ngoMgqibelo,” usho kanje.
Isikhathi asihlale neSekhukhune sibe ngugingqigongqo kodwa sicishe sakhiqiza indebe njengoba bafinyelela kowamanqamu eNedbank Cup. Izinto azihambanga kahle njengoba baguqiswa yi-Orlando Pirates ngo 2-1.
IBabina Noko yahamba phambili ngegoli likaSibusiso Vilakazi, amaBhakabhaka alinganisa ngephenathi eyavalelwa nguTapelo Xoki.
ULetsoalo nguyena owadala iphenathi eyabuyisa iPirates kulo mdlalo njengoba asolwa ngokubamba ibhola ngesandla ebhokisini. Umbono wakhe uhlukile kokanompempe, uThando Ndzandzeka, owayephethe lowo mdlalo.
"Ngeke ngikwazi ukusichaza kahle leso sigameko ngoba into eyavele yenzeka nje, ngakhahlelwa ngiphansi ngakho akukho engangingakwenza. Angeke ngikwazi ukuchaza kodwa into eseyenzeka, bawunqoba umdlalo, saphuma isibili. Kusobala ukuthi ngangishaqekile (ngesinqumo sikanompempe) kodwa sekwenzekile futhi akukho engangingakwenza,” usho kanje.
Usuthu seludlale imidlalo emibili kwiDStv Premiership, lubhekene neRoyal AM neSuperSport United, yomibili iphele zibambene ngo 0-0.
NgoMgqibelo, luzodlala omunye womkhaya baKwaZulu-Natal neRichards Bay FC eMoses Mabhida Stadium ngo-5.30 ntambama.
“Ukudlala kowomkhaya yithuba eliyingqayizivele futhi ngifuna ukulenzela okuhle iqembu. Ngikholwa wukuthi abantu basanethemba lokubona uVictor Letsoalo oshaya amagoli. Konke ngikuthatha ngendlela eyakhayo futhi ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami.”