UKUSHAYA into ecokeme kwiBafana Bafana komgadli we-Orlando Pirates, uZakhele Lepasa, akubuzwa ukuthi kumdidile umqeqeshi wompetha beNedbank Cup neMTN8, uJose Riveiro.
ULepasa (26), ushayele iBafana igoli lesibili izakhela ugazi kubalandeli ngesikhathi inqumela ogodweni ngo 2-1 iMorocco, eyiqembu elikleliswe esicongweni kwawesizwe e-Afrika.
Bekuyigoli lesibili emidlalweni emibili elandelana kwelesizwe kuLepasa kwazise kube ngelinye lamagoli akhe kwamabili abehlule ngawo iLiberia ekuhambeni, befaka iBafana kwi-2024 Afcon ngoMashi.
Ukwenza konke lokhu nje, lo mgadli waseGoli, ubolekiswe kwiSuperSport United izinyanga zokugcina ze-2022/2023, kusuka ngoJanuwari.
Ukudlala kahle kwakhe kwazise nakulezi zinyanga ushayele iSuperSport amagoli amabili, kuphoqa uRiveiro ukuba acabangisise kahle ngamafolisi akhe ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024.
Yize iPirates ibuyela kwiChampions League emuva kokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership, kodwa iqiniso lithi kunabagadli okuzomele ibakhulule ngenxa yokungaswabuluki phambi kwamapali.
IPirates iphethe emabhukwini ayo yena uLepasa, Kermit Erasmus, Evidence Makgopa, Boitumelo Radiopane noTshegofatso Mabasa kwabasekhaya.
Kwabokufika, iphethe amabili baseCameroon, uSouaibo Marou noBinvenue Eva Nga, bese kuba nguKwame Peprah waseGhana.
Ngaphezu kwabo, kukhona uTerrence Dzvukamanja waseZimbabwe noMonnapule Saleng noThembinkosi Lorch baseMzansi.
Bobabili uSaleng noDzvukamanja abasibo abagadli kodwa badlala phambili futhi yibo abahamba phambili ngamagoli kulezi nsuku.
Inkontileka kaDzvukamanja iyaphela ngoJuni 30.
URadiopane (21) akubuzwa ukuthi uzobuyela ekubolekisweni uma engadayiswanga kwazise neCape Town Spurs isivele iqale izingxoxo zokumthenga kwiPirates kulandela ukuyisiza ekutheni ikhuphukele kwiPremiership.
Kubukeka kuyisimo esithi asifane nakubagadli abathathu bokufika, u-Eva Nga, Marou Mabasa noPeprah, yize kungekho la bekhonjwa khona.
Isomiso emagolini kuPeprah sibe nomthelela ekudliweni yizembe kweMaritzburg United abebolekiswe kuyo.
UMarou ufike ngoJanuwari ebuya komela iCameroon kwiWorld Cup eQatar, kodwa ijezi liyameqa kwiPirates njengomkhaya wakhe u-Eva Nga.
Isimo sabo sibabeka eqhulwini kubadlali okulindelwe iPirates ibafake ohlwini lwabachithwayo ngokunjalo noMabasa, obekwiSekhukhune United ngesizini edlule.
UMarou nokho kubukeka esezosindela ukuba namava okudlala kwiChampions League kanti nenkontileka yakhe iyoze iphele ngoJuni 2025, ekubeni esaneminyaka engu-22 kuphela ubudala.
Akubuzwa ukuthi noLepasa usengenza kangcono kakhulu kodwa iqiniso wukuthi ngeke kuwenze nhlobo umqondo ukugcina laba bagadli bokufika abashaye into ephansi, ukunokubuyisa yena.
Eminye imithombo yezindaba zebhola isiqalile ukumatanisa nezesheli zaphesheya.
Indlela adlale ngayo enquma iMorocco, lapho abengaphuma khona namagoli amathathu, iyenze inkakha enguDoctor Khmalo yamncoma yaze yamfanisa noMark Williams, amagoli akhe anqobe i-1996 Afcon.