KUVELA ukuthi angase agawulwe yizembe kuMaZulu umgadli waseNigeria, u-Augastine Chidi Kwem (25), olizwa ngendaba ijezi kuleli qembu afike kulo ekuqaleni kwesizini ephuma kwiTS Galaxy.
Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ukuthi umqeqeshi woSuthu, uRomain "Fohloza" Folz, useyalele izinhloli zakhe ukuthi zimtholele umdlali wasesiswini wezinga eliphezulu.
Kuthiwa ulibeke ngembaba elokuthi ufuna kube ngowangaphandle.
Umthombo udalule ukuthi ukuze kuvuleke isikhala sokusayinisa umdlali wangaphandle, kuzomele kukhululwe uKwem.
Ngokomthetho wePremier Soccer League (PSL), amaqembu avunyelwe ukuthi abe nabadlali bangaphandle abahlanu kuphela.
OSuthwini kukhona uKwem, Riaan Hanamub waseNamibia, Junior Dion wase-Ivory Coast, Giuly Manziba waseDemocratic of Congo (DRC) noLarry Bwalya waseZambia.
Kuvela ukuthi ngenxa yokuthi uGabadinho Mahango, odabuka eMalawi, usehlale kuleli iminyaka engaphezu kwemihlanu, usenabo nobuzwe baseNingizimu Afrika.
" Nakuba kungacaci ngenkontileka kaKwem ukuthi iphela nini kodwa uFolz uzimisele ngokumfaka izembe. Vele nejezi ulizwa ngendaba. Ngaphandle komdlali wasesiswini wangaphandle, lo mqeqeshi uphinde wayalela izinhloli zakhe ukuthi zimtholele umdlali wasemuva onamava, umdlali wasezinhlangothini nonyazi lomgadli. Ukholelwa ekutheni uma kungahamba ngokufisa kwakhe, uSuthu luzoba yilento ayifunayo," kubeka umthombo.
Kuthintwa uBrilliant Mkhathini, okhulumela uSuthu, uthe abasayikhulumi eyokufika nokuhamba kwabadlali ngoba iwindi lokuhwebelana ngabo kade lavalwa.
"Okunye angikwazi lokhu ongibuza kona," kubeka uMkhathini ngamafuphi.
Sekuphele imidlalo eyisishiyagalombili ilandelana uKwem elizwa ngendaba ijezi.
Ubengekho ngisho nasebhentshini.
Emidlalweni ewu-21 yoSuthu yeDStv Premiership, uKwem udlale ewu-12, washaya igoli elilodwa. Ugcine ukudlala ngo-Okthoba wanyakenye ezakhe zishaya ngo-1-0 iStellenbosch.
Uphinde washaya elilodwa kwemithathu yeMTN8.
Udlale nowodwa weNedbank Cup.
Lo mgadli, oke wayidlubha nemibala yeChippa United, ufike kuMaZulu ethwelwe ngeqoma. Abesaqeqeshwa nguBrandon Truter osekwiSekhukhune United.
Khonamanjalo, ezikaFolz zizoqhubeka nokuthungatha amaphuzu amathathu uma sezibhekene neChippa ekuhambeni, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, namuhla ngo-3.30. Kwemihlanu yeligi, uSuthu lunqobe owodwa kuphela bese kwemine ladlala ngokulingana.
Luya eGqeberha luphuma ekubambaneni ngo-1-1 nomkhaya balo, iRoyal AM ngeledlule.
Lusendaweni yesi-11 ngamaphuzu awu-25. Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, usanda kukhalaza ngokudicilelwa phansi ngonompempe emidlalweni yakamuva.