KUVELA ukuthi iRichards Bay ngeke iyivuselele inkontileka yomqeqeshi, uVasili Manousakis, iqembu ngaphansi kwakhe elicishe langena emgodini.
Lo mqeqeshi, oke wasebenza ngaphansi kukaBenni McCarthy kwiCape Town City nakuMaZulu, unikezwe izintambo ngokugcwele kwiBay ngoMashi 20 kucaca ukuthi izinto zimbi. Uthathe izintambo kuPitso Dladla ngemuva kokuhluleka ukuthola imiphumela egculisayo.
UManousakis unikwe amandla sekusele imidlalo eyisikhombisa kusongwe iligi.
Uhluleke wancama njengoba iqembu ligcine libalwa navika izembe.
Liqede kweyesi-13 ngamaphuzu awu-33. Lizithola likulolu bishi nje, like lahlala endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership emzuliswaneni wokuqala wesizini. Belidlala kahle kucaca ukuthi uma lingaqhuba ngale ndlela liya kude futhi lingabanjwa nasemiqhudelwaneni yeCaf.
Isolezwe lithole ukuthi leli qembu ngeke liyivuselele inkontileka kaManousakis. Kuvela ukuthi ngesikhathi enikwa inkontileka yokuqedela isizini ka-2022/23 kube nombandela wokuthi ivuselelwe ngesizini eyodwa.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uzocaciselwa kuleli sonto uManousakis ukuthi akabuyeli kuleli qembu likaSifiso "Jomo" Biyela.
"Ngaphandle kukaManousakis, akukacaci ngekusasa likaPitso. OkukaManousakis kubukeka sekucacile, uyahamba. Uma konke kungashintshanga, umphathi weqembu nemenenja uBiyela (James) bazohlangana noManousakis kuleli sonto noma elizayo. Indlela izinto eziphethe ngayo ngesizini edlule kayimphathanga kahle neze usihlalo weqembu.
“Nakuba iqembu beliqala ukungena esigabeni esiphezulu kodwa belikhona ithemba lokuthi lizoqeda kwiTop 8. Konke lokho kuvele kwashabalalisa okwamazolo. Ngesikhathi usihlalo izintambo ezinika uManousakis ubenethemba lokuthi izinto zizolunga ngaphansi kwakhe. Into ebese icaca ukuthi nabadlali bese behlikelwe ukuzethemba. Uma konke kuhambe kahle ngesizini ezayo iBay izobuyela kule esiyibone kuqala isizini," kubeka umthombo. Kuthintwa uJames Dlamini, oyimenenja yamaNatal Rich Boys, uthe indaba yekusasa lomqeqeshi isazobhungwa.
"Kuliphutha ukuthi iqembu selisithathile isinqumo ngekusasa lomqeqeshi. Empeleni udaba lwakhe lusazohlalelwa phansi ezinsukwini ezizayo. Kulowo mhlangano kuzobe kudingidwa nezindaba ezithinta amalungiselelo esizini ezayo. Konke okuthinta nezabadlali abahambayo nabezayo kuzobhungwa kuwo," kubeka uDlamini.
Ngesikhathi kusongwa isizini uManousakis wathi uyafisa ukuqhubeka nokuqeqesha iBay kodwa futhi uyazi ukuthi konke kulele kubaphathi.