ISITOBHA se-Orlando Pirates esifike sazifaka ezinhliziyweni zabalandeli ngokubashayela iDStv Premiership Goal of the Season ngesizini edlule, uThabiso Lebitso, sihlele ukusebenzisa uhambo lwaseSpain njengethuluzi lokuzigqamisa ethimbeni labaqeqeshi.
ULebitso ofike kwiPirates ngoJanuwari nyakenye, ubekhuluma nethimba labezindaba laleli qembu ngesikhathi kuqhubeka ikhempu yeBucs eMarbella, eSpain.
Lesi sitobha esisuka kwiChippa United futhi esiqede isizini edlule sihlushwa ukulimala, siseqenjini lePirates elizohlala eSpain kuze kube uJulayi 20.
Kusasa iPirates izozwana amandla nePlymouth Argayle yase-England ephekwa uWayne Rooney ngaphambi kokubhekana neSevilla edlala kwiLa Liga ngoMsombuluko ozayo.
Lolu hambo, iBucs izolusonga ngoJulayi 19 ngokungcweka nezinkunzi zaseQatar, i-Al Sadd SC eyake yadlalelwa yaphinde yaqeqeshwa uXavi, osanda kuhlukana neFC Barcelona.
“Okusemqoka kimina ngalolu hambo ukuthi ngizothola ithuba lokuxhumana kangcono nalaba ozakwethu ebengingakabakhi ngokwanele ubudlelwano nabo,” kusho uLebitso.
“Ngiyaqala ukulungiselela ukuqala isizini nePirates ngakho-ke ngizimisele ngokuncela lonke ulwazi engizoluthola kubona bonke asebenesikhathi beseqenjini.
“Engikuzele eSpain ukuzokhulisa indlela engifaka ngayo isandla ekusizeni iPirates. Kulolu hambo ngihlele ukwenza kahle konke ukuqinisekisa ukuthi igama lami alisuki ezindebeni zabaqeqeshi,” kusho uLebitso.
IPirates ilale isibili kwiDStv Premiership ngesizini edlule kanti ifake ekhabetheni izicoco ezimbili.
Ngaphandle kokuvikela iNedbank Cup nokudla i-MTN 8, iPirates izibeke ethubeni lokulungisa iphutha langesizini edlule kwiCaf Champions League lapho iphume khona kusahlungwa.
“Akukho okutheni okuhlukile engisakuqaphelile eSpain ngaphandle kwalokhu okusobala njengesimo sezulu nokuthi izikhathi okusuke sekuyisebusuku ngazo eNingizimu Afrika zishaya kusakhanya.
“Ngiyabajabulela bonke ozakwethu enginabo ekhempini ngoba uhambo lwalolu hlobo luzosenza sibuyele ekhaya singcono nokuzethemba kwethu njengeqembu kuphezulu.
“Iqiniso ukuthi sonke sinethuba lokukhumbuza umqeqeshi ukuthi yini esingamenzela yona ngakho-ke ukhiye ukusebenzisa ngendlela ithuba uma livelile,” kuphetha uLebitso.