NAKUBA kumkitaza, uClinton Larsen, ukubona iqembu lakhe, iMagesi FC, lizihola phambili kwi-log yeMotsepe Foundation Championship kodwa uyiqonda kahle inselelo yokugcina umgqigqo kuze kube ngumdlalo wokugcina embangweni wokudla lesi sicoco.
IMagesi yize ibambene ngamaphuzu angu-36 ne-Orbit College esendaweni yesibili emidlalweni engu-20. EzikaLarsen zihleli esicongweni ngenxa yomehluko wamagoli.
Empeleni mncane kakhulu umehluko phakathi kweMagesi, i-Orbit esendaweni yesibili ne-University of Pretoria esendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-35, nokuyinkomba yokuthi kusaminyene utshumo ngombango weligi phakathi kwala maqembu amathathu.
Iyishumi imidlalo yeMotsepe Championship esele kule sizini, nokukhomba ukuthi zisazoshikilisana kubangwa ozogcina edle ubhedu, azibekisele indawo esigabeni esikhulu iDStv Premiership.
Kolandelayo weligi, iMagesi izobhekana neBlack Leopards, eThohoyandou Stadium, eThohoyandou, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
“Ngisahlabeke umxhwele ngendlela esisayibambe ngayo kuze kube manje, nakuba benginalo ixhala ngokuthi kungase kubekhona ukuphazamiseka komgqigqo wethu ngemuva kwekhefu le-Africa Cup of Nations.
La maphuzu ayisishiyagalolunye esibuye nawo ephelele kule midlalo emithathu yakamuva besiwadinga kakhulu.
Nokho, ngiyiqonda kahle inselelo esisabhekene nayo yokugcina umgqigqo kuze kube sekugcineni okuyinto edingeka kakhulu njengamanje ngalesi sikhathi sesizini,” kusho uLarsen, ezakhe eziguqise izimbangi iBaroka FC ngo 2-0 ngempelasonto edlule.
Lo mqeqeshi oseke waqeqesha esigabeni esikhulu eyibamba kwiBloemfontein Celtic, uthe kumqinisa idolo ukuba nabadlali asebemnkantshubomvu eqenjini lakhe.
“Ukuba nabadlali abanjengo-Elvis Chipezeze, Diamond Thopola, Samuel Darpoh, Mzwandile Buthelezi noDeolin Mekoa kuyangiqinisa. Sinabadlali abasebancane lapha eqenjini abanekhono, abanjengo-Anathi Ngwadla kodwa abangenaso isipiliyoni. Ngakho ukubakhona kwalaba badlali abanamava kuyabasiza kakhulu ekubaqiniseni ukhakhayi, ikakhulukazi kulesi sikhathi sesizini.
Njengoba sisazodlala namaqembu esibanga nawo, i-Orbit, AmaTuks noHungry Lions kusho ukuthi kufanele silwe kuze kube sekugcineni, ngakho yilapho esizowadinga khona ngempela amava.”
ULarsen othathe izintambo zokuqeqesha kwiMagesi maphakathi nesizini edlule esuka kwiSummerfield Dynamos edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, ufike wayihlenga ezembeni njengoba kule sizini eseguqule izinto kuleli qembu laseLimpopo eselisembangweni wesicoco.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-3.30pm: University of Pretoria v Hungry Lions (Tuks Stadium)
Kusasa - Ngo-3.30pm: Black Leopards v Magesi FC (Thohoyandou Stadium); Orbit College v Maritzburg United (Olympia Park); JDR Stars v Milford FC (Giant Stadium); Platinum City Rovers v Pretoria Callies (Isak Steyl Stadium); Casric Stars v NB La Masia (Giyani Stadium); Upington City v Marumo Gallants (Mxolisi Dicksy Jacobs Stadium)
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Baroka FC v Venda Football Club (Global Stadium)